UMengameli we-Inkatha Freedom Party  uHlabisa, wamukele ngokusemthethweni  abaholi abaqavile beNational Freedom Party (NFP) abajoyine i-IFP

Iqembu le- IFP lithi selilungele ukhetho ,lokhu likusho ngesikhathi lemukela abaholi abaqavile be –NFP

UMengameli we-Inkatha Freedom Party (IFP), uVelenkosini Hlabisa, wamukele ngokusemthethweni  abaholi abaqavile beNational Freedom Party (NFP) abajoyine i-IFP, wathi ukubuyela kwabo kuzoliqinisa kakhulu iqembu njengoba selilungiselela ukhetho loHulumeni baseKhaya lwango-4 Novemba 2026.

Phakathi kwabamukelwe kubalwa iMeya yaseDumbe, uKhansela Sbusiso Mkhabela, obenguSihlalo kaZwelonke we-NFP; uNobhala-Jikelele we-NFP uTeddy Thwala; kanye namakhansela nabaholi abahlukene abavela e-AbaQulusi, Zululand naseMgungundlovu.

U-Hlabisa uthe laba baholi “babuyela ekhaya”, njengoba abaningi babo bake baba yingxenye ye-IFP phambilini. Uthe bafika nolwazi olunzulu kwezepolitiki nasekubusweni komasipala oluzosiza i-IFP njengoba kubhekwe okhethweni.

I-IFP ITHI  ISINGENE  NGOKUPHELELE  EMKHANKASWENI

U-Hlabisa umemezele ukuthi i-IFP izokwethula i-Local Government Elections Manifesto yayo ngomhlaka 20 Septhemba 2026 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Uthe le manifesto izogxila ebuholini obunesimilo, uhulumeni ophendulayo, ukulethwa kwezidingo ngendlela efanele kanye nokuhlonishwa kwemiphakathi.

Mayelana nokuqokwa kwamakhansela, i-IFP ithi isiphothula ukuqinisekisa imininingwane yabazongenela ukhetho ngaphambi komnqamulajuqu we-IEC wango-28 Agasti.

U-Hlabisa uphinde wagxeka izigameko zodlame okubikwa ukuthi zenzeke ngesikhathi sokukhethwa kwabazongenela ukuba ngamakhansela eMkhuze naseMbabazane, wathi iqembu seliqale uphenyo lwangaphakathi.

“I-IFP ayilubekezeleli nhlobo udlame, ukusabisa noma ubugebengu.”

U-Hlabisa uthe yize i-IFP iyingxenye yohulumeni wobumbano ezingeni likazwelonke nasezifundazweni ezithile, izongenela ukhetho loHulumeni baseKhaya njeng eqembu elizimele, ngaphansi kwegama, imigomo kanye nabazongenela ukhetho be-IFP.

“I-IFP iyakhula. I-IFP iyakha kabusha. I-IFP ihlanganisa abantu. I-IFP isilungele ukhetho,” kusho uHlabisa.

🗳️ I-IFP ITHI ISILULUNGELE UKHETHO LWANGO-2026!

Abaholi abaqavile be-NFP, okubalwa iMeya yaseDumbe uSbusiso Mkhabela noNobhala-Jikelele uTeddy Thwala, sebejoyine i-IFP.

UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa uthi laba baholi “babuyela ekhaya”, futhi ukufika kwabo kuzoliqinisa iqembu ngaphambi kokhetho loHulumeni baseKhaya lwango-4 Novemba.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *