
ESITHOMBENI:UMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba
SHEILA MHLONGO
Uhulumeni uhalalisele uMasipala weTheku waphinde wancoma iMeya, uKhansela Cyril Xaba, ngokuqopha izinga eliphansi lokungasebenzi uma liqhathaniswa nelabanye omasipala bamadolobha amakhulu eNingizimu Afrika ngekota yesibili yonyaka ka-2026.
Lokhu kuvezwe yimiphumela yakamuva ye-Quarterly Labour Force Survey ekhishwe yi-Statistics South Africa (Stats SA).
Izibalo zakamuva ziphinde zaveza ukuthi iKwaZulu-Natal kube ukuphela kwesifundazwe eNingizimu Afrika esiqophe ukwanda kwesibalo sabantu abaqashiwe ngekota yokuqala ka-2026. Lokhu kukhombisa inqubekela phambili ekhuthazayo ekudalweni kwamathuba omsebenzi nasekukhuleni komnotho esifundazweni.
Uhulumeni uthe le ntuthuko iwubufakazi bomsebenzi oqhubekayo wokwakhela phezu kwenqubekela phambili eseyenziwe yi-Presidential Working Group on eThekwini. Lolu hlaka luhlanganisa uhulumeni kazwelonke, owesifundazwe nowasekhaya ukuze kubhekwane nezinselelo ezibhekene neTheku, kuphinde kusheshiswe ukuthuthukiswa komnotho nenhlalakahle yabantu.
Ithimba likaMengameli elibhekele iTheku seliqhubekisele phambili izinhlelo eziningana ezibalulekile ezithinta ingqalasizinda, umnotho kanye nokuvikeleka kokutholakala kwamanzi. Lezi zinhlelo zihlose ukususa izithiyo ezibambezela intuthuko nokutshalwa kwezimali eDolobheni.
Leli thimba seliphinde lakha inkundla yokubambisana evumela uhulumeni ukuba uhlonze izinselelo ezithinta iTheku, uqinise ukuqaliswa kwezinhlelo futhi uqondanise amasu ezinhlaka ezintathu zikahulumeni.
Uhulumeni uthe inqubekela phambili eseyenziwe ikhombisa ukubaluleka kokusebenzisana nokuthi kufanele kuqhubekwe nomfutho osudalwe umsebenzi waleli thimba.
Izibalo ezinhle zokuqashwa kwabantu ziyisibonelo somthelela obonakalayo ongadalwa ukungenelela kukahulumeni okuqhubekayo ekwandiseni amathuba omnotho nasekuthuthukiseni izimpilo zabantu.
Uhulumeni uzokwakhela phezu kwale nqubekela phambili ngokusebenzisa i-Presidential Working Group nezinye izinkundla zokubambisana, ukuze impumelelo izale amathuba abonakalayo, anohlonze futhi ahlala isikhathi eside kubantu baseThekwini nakulo lonke iKwaZulu-Natal.

