THOBILE MBATHA
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithe uhlelo lokuthi kuvikelwe izifo ezibulalala izingane lubambezelekile emazweni amaningi ngenxa yokubheduka kwe-Covid-19.
Zilinganiselwa ku-33 million Iizingane okufanele zigonywe phakathi kuka-2023 no-2025 ukuze kufezeke isibophezelo samazwe omhlaba esithi ngo-2030, kumele kunqandwe ukufa kwezingane ezibulawa yizifo ezigwemekayo ngokugoma.
Lenhlangano ithe ngesikhathi kuhlasele iCovid-19, uhlelo lokugonywa kwezingane lubambezelekile okuholele ekutheni senyuke ngo-16% isibalo sezingane ezeqiwe yimigomo nezingakaze zigome nhlobo. UDktl Matshidiso Moeti umqondisi we WHO e-Afrika, uthe lolu bhubhane luyibuyisele emuva kakhulu imizamo ye-Afrika yokugoma futhi lubeka engcupheni izigidi zezingane engozini yokuhlaselwa izifo ezivikeleka ngokugoma, ezinye zazo eziholela ekufeni.
“Amazwe alwa kakhulu ekuphumeni ethunzini leCovid-19, ngeke sikwazi ukulahlekelwa futhi ngokuthi kuqubuke izifo ezidalwa wukuthi izingane kazigomile. Kumele kwenziwe yonke imizamo yokuqinisekisa ukuthi yonke ingane iyayithola imigomo ebalulekile,” kusho uDktl. Moeti.

