I-SIU iqoqe izigidi kwabadla eye UIF Ngokungemthetho

NKOSIE NTOMBELA

I-Special Investigating Unit (SIU) ithole okungenani izigidi ezingu-R71 (71 Millions) ezinkampanini ezifake izicelo ngokungafanele kwiSikhwama Somshwalensi Wokungaqashwa (UIF) Uhlelo Lokusiza Abaqashi/Abasebenzi Besikhashana (TERS).

Lokhu kuza gemuva kokuthi uphiko olubhidliza inkohlakalo luqale uphenyo ngoxhaso lwe-TERS ngoJuni 2021. “I-SIU yagunyazwa nguMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi iphenye izinsolo ezenziwe mayelana nezindaba ze-UIF ngokweSimemezelo R.8 sika-2021. I-SIU yaphenya ngokukhokhwa kwe-TERS kubantu ababengafanele ukuthola lezi zinkokhelo; bafake izicelo zomgunyathi kwi-UIF. Ekubeni uhulumeni wasungula i-TERS ukuze isize izinkampani ezidonsa kanzima ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19.

“Kuze kube manje, i-SIU isibuyise imali elinganiselwa ku-R71.4 million kusukela iqalile uphenyo. Lesi sibalo sihlanganisa u-R9.9 [isigidi] owakhokhelwa izinkampani ngokungafanele kwi-UIF. “Ezinye zezinkampani ezikhokhe imali ngqo kwi-UIF kubalwa iSouth African Airways Technical, ekhokhe u-R8.8 million kanye nesibhedlela esizimele i-RH Matjhabeng, esifundazweni saseFree State, phakathi kwezinye. Isibhedlela sakhokha u-R488 458.21.

“Uphenyo lwe-SIU luveze ukuthi isibhedlela bekungafanele sifake isicelo futhi sithole izimali ze-TERS njengoba ukusebenza kwaso akuzange kuthintwe yi-COVID-19. Abaphathi besibhedlela bakuqinisekisile ukuthi bayitholile imali ngokungafanele base bevuma ukuyibuyisela kwi-SIU leyo mali. Kuthe kusenjalo ngemuva kwesivumelwano isibhedlela sachezuka esivumelwaneni ebesibanjwe neSIU sayibuyisela ngqo ku-akhawunti ye-UIF esikhundleni se-SIU,” kusho lolu phiko.

I-SIU ithe isibudlulise ubufakazi bobugebengu kwiNational Prosecuting Authority (NPA) ukuze kushushiswe abathintekayo ekuqoqeni imali ye UIF ngokungemthetho.