Osomabhizinisi base US bakhombise ukuba nesasasa ngamathuba otshalomali eThekwini

SHEILA MHLONGO

Osomabhizinisi base United States of America (USA) bakhombise ukuba nesasasa ngamathuba okuzotshala izimali eThekwini. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ikomiti le Economic Development and Planning ngaphansi kukaMasipala weTheku, ebeliholwa uSihlalo walo ukhansela Thembo Ntuli lihambele eUSA lapho belihlangene khona nosomabhizinisi bakhona

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi,umnotho waseThekwini uthole ukwenanelwa abatshalizimali kanye nosomabhizinisi bemikhakha ehlukene base United Sates of America abazibophezele ukuthi bazotshala izimali zabo kuleli laseThekwini.

Njengengxenye yomkhankaso wokunxenxa abatshali zimali ziyaqhubeka izingxoxo eziphakathi kobuholi bukaMasipala weTheku kanye nabaholi kwezamabhizinisi mayelana namathuba okuhwebelana kanye notshalomali emikhakheni eyahlukene okubalwa ezokuthuthukiswa kwezakhiwo (property development), ezemfundo,ezemidlalo, ezolimo, ezobuciko kanye nezamasiko.

Okuyiwona myalezo ohamba phambili oshiwo uMphathi Dolobha uMnu Musa Mbhele, ilona wokuthi, livuliwe iTheku ukwenza ibhizinisi.

UMphathi Dolobha weTheku, uMbhele uyena oveze isithombe esicacile mayelana namathuba akhona lapha edolobheni  laseThekwini akwazi ukuheha abatshazimali kanye nokuba indawo yokuheha abavakashi.  


Ehola izingxoxo nethimba losomabhizinisi base New York uMbhele uthe, “ Silapha ngoba sizohlanganisa ubuhlobo phakathi kweTheku kanye nabatshali zimali base US kanye nosomabhizinisi. Siyanimema ukuthi nize nizosebenzisana nathi.” Waqhuba wenza isimemo mayelana nenkomfa ezoba seThekwini ngomhlaka 17-21 Julayi 2024.

UMbhele uphinde waqhakambisa eminye imisebenzi emikhulu ekhona lapha eThekwini okubalwa kuyona iDube Trade Port kanye ne Whetstone development elethe utshalomali oludle isamba sika R54 billion, noluzophinde futhi ludale imisebenzi ebalelwa ku 214,100. Amanye amaProject amakhulu lapha kubalwa iKeystone Logistics Park ese Hammarsdale, Westown ese Shongweni kanye ne Dry Port ese Cato Ridge edle isamba sika R33 billion wotshalomali.

Khona manjalo iMSC South Africa ivule indawo engu15,000-square-meter  we cold storage facility eThekwini.Lendawo evulwe iMSC logistic kanye ne MELDOG yenzelwe ukuthi ithuthukise indawo yokugcina izimpahla ukuze kuthuthukiswe futhi izinga lokuletha kanye nokuthunyelwa kwezimpahla lapha eNingizimu Afrika, eziya ezimakethe zase Europe,Middle East kaye nase Asia.

“ INew York inesabelomali sika USD 229 billion kanye nangaphezulu kuka USD trillion wezimali zempesheni abafisa ukuthi bathole amathuba otshalomali ngaphandle kwezwe labo.Njengedolobha sifisa ukwakha ubudlelwano nabo ukuze abatshali zimali bethu nabo babheke amathuba khona eUSA. Lelisasasa elikhonjiswe abatshalimali lapha edolobheni lethu likhombisa ukusethemba.” Kusho uMbhele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *