NKOSIE NTOMBELA
Iningizimu Africa ibhekene nengwadla yokungakhuli komnotho lokhu okunye okudala kungakhuli komnotho ukwanda kobugebengu nokwenza utshwala bomgunyathi.
Amaphoyisa asePinetown Saps kanye nabophiko lwe eThekwini District Trio Task Team agasele kumuzi mumbe ohlonzwe njengendawo ekukhiqizwa kuyo ugologo owumbombayi eWestmead afike abopha amadoda amathathu aficwe notshwala obungamakhulu amane ezinkulungwane (R400,000).Ezintweni ezificwe kulemboni mbumbulu amakhadibhothi othswala,amabhodlela,imiphongolo kanye nezimpahla zezinye izinkampani ezisetshenziswa makwenziwa utshwala ngokubika kwamaphoyisa a Kwa Zulu Natal kwistatimende esikhishwe emva kokuboshwa kwalabasolwa abaficwe bukhoma abakasidlodlo.
Abasolwa bazovela kafushane eNkantolo yase Pinetown bezobhekana namacala abathweswe wona abomthetho.


