Zibalelwa ku-33 izisebenzi zoMnyango wezaseKhaya esezixoshwe ngenxa yenkohlakalo kusukela ngo-2024

SHEILA MHLONGO

UMnyango Wezasekhaya ngomhlaka 8 Ephreli 2025,  ukhiphe isitatimende lapho uveza ukuthi  uxoshe izikhulu eziyisithupha ngokushesha ngenxa yamacala ahlukahlukene, kuhlanganisa nenkohlakalo nobugebengu.Ngaphezu kwalokhu  ezinye izikhulu eziyisithupha zinikezwe izexwayiso zokugcina ezibhaliwe.

Lokhu kwenza ukuthi inani lilonke lezikhulu ezixoshiwe kusukela ngoJulayi 2024 lifinyelele ku-33, njengoba umnyango uqhubekela phambili nomkhankaso wokulwa nenkohlakalo.

Izikhulu eziyisishiyagalombili sezigwetshiwe futhi zathola izigwebo ezihlukahlukene eziqala eminyakeni emine kuya kweyishumi nesishiyagalombili ejele, kanti amacala obugebengu ezikhulu eziyi-19 asasemajajani.
Ukuxoshwa kwakamuva kulandela ukwethulwa kweBhodi Yokulawulwa Kwemngcele kanye neFomu Elwa Nenkohlakalo Ezindabeni Zokufuduka, eliqinise kakhulu ukubambisana phakathi kweZasekhaya, i-Border Management Authority (BMA), i-Special Investigating Unit (SIU), kanye neNational Prosecuting Authority (NPA).

“Isivinini uMnyango Wezasekhaya, obambisene ngaso ne-SIU, sikhombisa ngokusobala ukuthi singakwazi ukuqeda lesihlava. Ngikucacisile kuMnyango ukuthi ukubambezeleka ngeke kuvunyelwe, futhi ngeke siphumule size sixoshe wonke umuntu onenkohlakalo,” kusho uNgqongqoshe Wezasekhaya uDkt Leon Schreiber.

“Ngiyabonga kumathimba angaphakathi emnyangweni  ngempumelelo yawo ekuqinisekiseni ukuthi siyisusa ngokuphelele  lenkohlakalo kanye nokubhozonyelwa komnyango weZasekhaya, ukuze ube yisikhungo esiziqhenyayo ngaso esifanele izwe lethu.

“Umlayezo wami kulabo abasasele benza lobu bugebengu ucacile: akusensuku zatshwala ngaphambi kokuba sibabambe   sibabeke obala,” kusho uNgqongqoshe. – SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *