Bezithe chithi saka izinkonzo ngesikhathi sePhasika

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNtuli uye wahambela izindawo ezahlukene kulolonke leli lapho ebekhonza khona nabazalwane bamahlelo ehlukene. Lesikhathi sePhasika sigujwa minyaka yonke kanti sihlanganisa ndawonye abaholi bamahlelo ezinkonzo ezahlukene kanye namaKresto  ngokwehlukana kwawo lapho esuke bebonisa ubunye futhi ekhumbula ukufa nokuvuka kweNkosi uJesu Kresto.

Kusukela ngoLwesihlanu lomhlaka 18 Ephreli 2025

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli ehambisana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha, nezeMvelo uMfu. Musa Zondi kanye neMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba behambele inkonzo eDiakonia Council of Churches esenkabeni yeTheku
 

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli ehambele ebandleni lase Oasis of Life eMlazi  eholwa uMfundisi Khaya Mthethwa. UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNtuli akalibalanga indawo yangakubo eNkandla lapho ebuye wahambela  khona eyokhonza ebandleni  i-Christ the King Anglican Church.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *