Izifundazwe kanye noMasipala babe ingxenye yombukiso we-Africa Travel Indaba 2025

SHEILA MHLONGO

Izifundazwe zakuleli kanye noMasipala babe ingxenye yombukiso we-Afrika Tourism Indaba 2025, obubanjelwe e Durban ICC, kusukela ngoLwesibili lomhlaka 13-15 Meyi 2025. Khona manjalo amabhizinisi amancane angaphansi  komkhakha wezokuvakasha athole ithuba lokuxhaswa oMasipala kanye nezifundazwe ukuze nawo akwazi ukuzikhangisa kubathengi abebevela emazweni ase-Afrika, naphesheya kwezilwandle.

Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla likhulume  nosomabhizinisi abasendimeni yezokuvakasha abebekhangisa ngemikhiqizo kanye nemisebenzi yabo kubathengi bamazwe, abazwakalise ukweneliseka ngokuba ingxenye ye-Afrika Travel Indaba. Iningi labo lithe lijabule kakhulu ngethuba abalitholile lokuhlangana nabathengi abazoxhasa amabhizinisini abo, bathi nangonyaka ozayo bazoqhubeka nokuba ingxenye yalombukiso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *