Usomabhizinisi wakuMasipala I-Winnie Madikizela- Mandela uhlabane  ngomklomelo wethikithi lebhanoyi lokuya nokubuya eLondon.

SHEILA MHLONGO

Kuwo lombukiso iphephandaba iKZN Namuhla liphinde lahlangabezana nenye insizwa esencane ogama layo uLungelo Muthwa obevela esifundazweni sase-Eastern Cape ngaphansi kuka Masipala iWinnie Madikizela   naye obezokhangisa ibhizinisi lakhe lezokuvakasha. Lensizwa ibe nenhlanhla yaziwinela umklomelo wethikithi lebhanoyi lokuya nokubuya  lisuka  eKapa liya eUK, ngenxa yokuthi iphume phambili emncintiswaneni we 5km Run obubanjelwe eBeach front ngomhlaka 14 Meyi.

ULungelo uthe ubonga kakhulu kulenkampani yamabhanoyi ebizwa nge Norse Atlantic Airways, wathi uzohlela uhambo lwakhe esuka eCape Town eya eLondon Gatwick, ngasekupheleni konyaka futhi uyohamba nodadewabo ngoba kobe kuqondene nosuku lwakhe lokuzalwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *