UMBONO KA BAQONDILE NZIMANDE E-MARIANHILL KADASEI MAYELANA NABANTU ABAKHUBAZEKILE UKUTHI BAZIZWA KANJANI

Engingakuveza kakhulu ngokukhubazeka kwami inkinga engihlangabezana nayo ukuthi thina asilutholi usizo ngeqiniso,  nasothandweni noma ungathandana okanye ubenobudlelwano nomuntu wakho uthole ukuthi yena uyakwamkela ubunjalo bakho kodwa kubo bengakwamkeli nhlobonhlobo.

Asikutholi ukusizakala ngokweqiniso kanjalo naseminyangweni ngokwehlukana kwayo thina abasithathisi okwabantu ababalulekile. Naseminyangweni  nie efana no Home Affairs abasinaki thina esikhubazekile, kuzo zonke izindawo lapho okutholwa khona izinto izinhle ezitholwa abanye abantu thina asizitholi kuze kusize uma kukhona enihamba naye kubeyima ninakwa thina nje asinakwa sithathwa kancane. Lento ihamba ize iyofika nasemindenini yethu usuke unenhlahla mawukhubazekile bakukhombise uthando ngoba thina sibukelwa phansi yonke indawo.bambalwa abakhululekile emakubo siyacwaswa kakhulu.