Ayikaze ibeyinhle inhlalo njengoba ngikhubazekile okokuqala asiwatholi amathuba omsebenzi, asizitholi izindlu zokuhlala ezifanele thina. Sicela ukubhekeleka nathi kungabi sengathi asikho kodwa kokunye siyadingeka ukuba siziveze njengabahlali noma ingxenyeyomphakathi.
Ayikho into ebuhlungu enhlizweni yami nenzima njengokuhlala emzini yabantu ngoba anginayo indawo yami yokuhlala, ngikhala kakhulu nangezinkinga esihlangabezana nazo emphakathini sizizwa singaphephile, ngihamba nge wheel chair nje kodwa anginawo ngisho umxhaso wami engizoziphilela khona kahle ngithi phansi ngokunganakwa kwethu esikhubazekile phansi!

