Inkantolo yezokhetho ivune uZuma ukuthiangene ohlwini lwabazomela UMkhontoWesizwe ephalamende

SHEILA MHLONGO
Kuphele ukungabaza ngozomela iqembu loMkhonto Wesizwe Party ephalamande. Lokhu
kuza emuva kokuthi inkantolo ivune isicelo sokuphikisa inhlangano yeIEC ngesinqumo sayo
sokukhipha uMnu Jacob Zuma ohlwini lwabazomela UMkhonto Wesizwe Party ephepheni
lokuvotelwa ukuthi angene ephalamende.
Ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo, ngoMsombuluko kuke kwaba nempikiswano
phakathi kwabameli, uAdvocate Ngcukaitobi obemele abe IEC uthe uZuma akumfanele
ukuthi amele iqembu loMkhonto Wesizwe Party ephalamende ngoba useke waba
isiboshwa esatholwa sinecala lokudelela inkantolo ngoba enqabe ukuyofakaza
phambi kwekhomishani ka Jaji Raymond Zondo waze wathola isigwebo sezinyanga
eziyishumi nanhlanu (15) ngaphandle kwethuba lokuthi akhokhe inhlawulo.
“Lana sikhuluma ngomuntu oke waba isiboshwa ngoba ephule umthetho ngakho
uMthethosisekelo wezwe awuvumi ukuthi isephulamthetho sibe ingxenye
yokushaywa kwemithetho ephalamende.”Kusho u uAdvocate Ngcukaitobi.
Ephendula ummeli weqembu loMkhonto Wesizwe Party uAdvocate Dali Mpofu uthe
uZuma wathola ushwele ngakho ukumkhiphela ngaphandle ohlwini lwabazovotelwa

bangene ephalamende kuzoncisha amalunga eqembu le MK Party ilungelo
lokuvotela umuntu abazikhethele yena.
Ikhipha isinqumo inkantolo yezokhetho ebihleli eJohannesburg High Court eGauteng
ngoLwesibili ntambama ivune uZuma ukuthi usengakwazi ukungena ohlwini lokumela
iqembu le MK ephalamende .
Ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo ngoMsombuluko, uMnu Jacob Zuma ukhulume
nabalandeli be MK ngaphandle kwenkantolo ekhombisa okukhulu ukuzethemba ngesikhathi
echaza ukuthi akusiwo umsebenzi wekhomishana yezokhetho ukuvimbela abantu
bangangeni ephalamende, wathi umsebenzi wayo owokuthi ilungisele ukhetho, kanye
nokuqhuba umsebenzi wokuvotisa abantu bese ibala amavoti.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *