AmaCiko asezothola ithuba lokuziwinelauCash Prize kowe KZN Namuhla ArtiststsAwards 2024

Kumenywa amaCiko asafufusa emikhakheni eyahlukene ukuba angenele umncintiswano
weKZN Namuhla Artists Awards 2024. Kulonyaka amaCiko awaqokwa kodwa ayamenywa
bese enikezwa ifomu okumele ayigcwalise imininingwane yawo bese ezikhethela umkhakha
afuna ukungenela ngaphansi kwawo.
Lomncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards uqale eminyakeni emibili edlule kusukela
ngonyaka ka 2024. Lapho bekuqalwa ngokuqokwa kwamaCiko bese kulandela ukuvotelwa
kwawo amaCiko ngeSMS. Nokho kulokhu izinto zithe ukwehluka ngoba amaCiko awaqokwa

kodwa ajoyina ngo R250 ohambisana nemininingwane yeCiko kanye nomkhakha iciko
elingena ngaphansi kwawo okungaba owodwa noma ngaphezulu.
Uma iCiko seligcwalisile ifomu maqede lakhokha imali engu R250 wokujoyina lithumela
ifomu nesithombe salo esicacile ukuze lenzelwe iPoster enemininingwane yokuvotelwa
ngemali engu R2 ivoti ngalinye.
Kulokhu akuvotwa nge SMS kodwa ivoti ngalinye lithengwa ngoR2 ngokwemininingwane
eyofakwa kwiPoster yeCiko nendlela okwenziwa ngayo.
Izindaba ezimnandi; ezokuthi kulokhu amaCiko nawo asezohlomula ngokuziwinela uCash
Prize ngaphezu kwamaTrophy, nezitifiketi kulabo abayoba namavoti ahambisana
nemibandela ebhalwe kwisimemo.
Okunye okuhle ukuthi alikho nelilodwa ivoti eliyolahleka ngenxa yokubheda kweNetwork.
Nokuthi kuyoba lula kakhulu ukubala amavoti ngoba iphephandaba iKZN Namuhla nsuku
zonke liyokwazi ukuzibonela labo asebethenge amavoti ngempumelelo.
Inhloso yalendlela entsha yokuvota
 Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla alixhasiwe ngakho lidinga izimali
zokulisimamisa ukuze liqhubeke likwazi ukushicilela, izindaba, ligaye iphephandaba,
likhokhele abasebenzi, liphinde likwazi ukubhekana nezindleko zezokuxhumana
okubalwa i-Airtime neData.
 Ukukhokhela imiklomelo yama Trophy kanye nezitifiketi.
 Ukuhlomulisa amaCiko enze kahle ngokuvotelwa.
 Ukukhokhela izindleko zendawo yokwenza umcimbi.
Ngakho kuwo wonke amaCiko afisa ukungenela iKZN Namuhla Artists Awards asengakwazi
ukubhalisa kusukela ngomhlaka 1 April kanti ukuvalwa kokubhalisa kugcina ngomhlaka 15
June bese kuqalwa ukuvota ngomhlaka 16 June. Wonke amaCiko ayobe esethole ama Poster
awo anesithombe kanye nemininingwane yonke yokuvotelwa.
Ukuvalwa kokuvota kuvalwa ngomhlaka 15 August 2024
Umcimbi uyoba ngoMgqibelo womhlaka 7 September 2024 endaweni eyokwaziswa.
Ngakho kumenywa amaCiko avela ezingxenyeni zonke ze KwaZulu-Natali kanye nakwezinye
izifundazwe zakuleli amukelekile ukungenela.
Ukwazi kabanzi kungaxhunyanwa noMhleli umama uSheila Mhlongo kuWhats App number
:076 887 8136 noma 079 467 9297. Email:editor.kznnews@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *