Sanbonani bantu bakithi emva kwephasika . Kuningi okwenzekile abanye bashiywe
yizihlobo zabo ngezingozi zemigwaqo . Ngicela baduduzeke bonke abalahlekelwe
Inkosi iwavale lawomanxeba . Inkosi ibathwale kulesimo baze bafihle izihlobo zabo
ziphumule ngokuthula .
Kwabalimele abasezibhedlela ngezingozi ezihlukile mabaphile nabo uNkulunkulu
abasingathe awubambe umoya wabo ungabashiyi balulame babuyele ezihlotsheni
zabo ezisabadinga . Wonke umuntu othe wehlelwa yisimo esingesihle
kulempelasonto esibuya kuyona ngicela ududuzeke uxole emoyeni kuzondlula
uNkulunkulu unawe
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

