SHEILA MHLONGO
Ngemva kokuhlehla kokwenyuswa kwe-VAT ngo-0.5% obekuhleliwe, uHulumeni uyaqinisekisa ukuthi i-VAT izohlala iku-15% yazo zonke izimpahla nezinsizakalo kusukela mhlaka- 01 Meyi 2025. Abathengi bayakhuthazwa ukkuqaphela ukuthi bakhokhiswa izinga elifanele le-VAT elingu-15%. Uma kungenzeka ukuthi abathengi bakhokhiswe u-15.5%, kufanele balethe lokhu kumthengisi futhi baqinisekise ukuthi lokhu kuxazululwa endaweni yokuthengisa noma ngenye indlela ngesivumelwano sabo sobabili.
Bonke abathengisi bayanxuswa ukuthi balungise izinhlelo zabo zibuyele ku-15%. Abathengisi asebevele basebenzise kokubili izinguquko zesilinganiso kanye ne-Zero-Rating bayakhuthazwa ukuthi bahlehlise lezo zinguquko ngaphambi komhla lu-1 kuMeyi 2025.
Abathengisi abangakwazi ukubuyela ngokushesha esilinganisweni esingu-15% kufanele basebenzise u-15.5% okwesikhashana nokho, ukulungiswa kwesistimu kufanele kuqedwe ungakedluli umhlaka-15 kuMeyi 2025. Abathengisi kulindeleke ukuthi bakhokhiswe i-VAT ngenani elingu-15% hhayi u-15.5% ezimpahleni nasezinkonzweni ezifanele ngokoMthetho We-VAT.

