SHEILA MHLONGO
Kulindeleke ukuthi ngoLwesithathu lomhlaka-21 Meyi 2025, uNgqongqoshe wezeziMali, kuzwelonke, uMnu. Enock Godongwane ethule kabusha Isabelomali sika-2025/26.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uGodongwane ememezele ukuthi useyakuhoxisa ukukhushulwa kwentela yempahla (Value Added Tax) ebihlongozwa ukuthi ibe ku 15.5%, kusukela mhlazane lulunye kuMeyi 2025.UGodongwane ukusho lokhu ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi kade enesithangami nabezindaba ePitoli.
Ukwethulwa kabusha kweSabelomali kungenxa yokuthi amalunga ePhalamende asiphikisa iSabelomali esathulwa ngomhlaka-12 Mashi 2025, nokwaphetha ngokuthi iqembu laDA kanye nele-EFF libabele eNkantolo ePhakeme eKapa ngenhloso yokuvimbela ukukhushulwa kweVAT ngo 15.05%. Kulokhu iNkantolo yavuna lamaqembu omabili.
UNgqongqoshe uGodongwane, uchaze lmpikiswano elandelwe ukwethulwa kweSabelomalo ngenyanga kaMashi 2025 njengezinkomba zokusebenza kwentando yeningi.
“Manje kuyacaca ukuthi intela yempahla (VAT) ngeke isanyuka, kodwa izoqhubeka ime ku-15%, lokhu okudalwe izinkulumo mpikiswano zepolitiki, kodwa ngaphezu kwalokhu kudalwe izwi labantu baseNingizimu Afrika.” kusho uGodongwane oweleke ngokuthi neSabelomali sizokwazi ukubhekela izidingo zabantu ezifana nezemfundo, ezempilo kanye nezibonelelo zikahulumeni.
UNgqongqoshe uGodongwane uthe iSabelomali esibuyekeziwe sizokwenzeka ngaphandle kokukhuphula ezinye izintela, angeke futhi kubolekwe izimali,njengoba izwe livele libhekene nokukhokha isamba sika R1 billion ngenxa yemali mboleko.
“Kumele konke sikwenze ngokwehlisa izindleko, sibuyekeze imali yezindleko ekhokhwa uhulumeni, sihlukane nokumosha imali kungenasidingo, yonke imali ekhishwa uhulumeni isetshenziswe ngobuhlakani.” Kusho uGodongwane.SANews.gov.za

