Kuyadumaza ukubona intsha iphelelwa inhlonipho ezinkundleni zokuxhumana

MFU. NARE

Sizwe sikaMthaniya nginibhalele lana ngokukhulu ukudumala ngesizathu sokubona abasha belahlekelwa yinhlonipho ezinkundleni zokuxhumana baze bagcine bethuka ngisho Isilo Inkosi yesizwe samaZulu. Kwenzenjani bantu bakithi salahlekelwa amahloni nenhlonipho ? Engabe asisakwazi okumele sidlale ngakho yini ezinkundleni zokuxhumana ? Yisizwe esinjani esithuka amaKhosi aso ? 

Noma kungaba nezinkinga endlini yobuKhosi sizazi lokho akusiniki amandla okuthuka loyo owakhethwa ukuhola isizwe kanti futhi noma angaba namaphutha asinalungelo lokumthuka esidlangalaleni , yekani ukuthuka abantu abadala ezinkundleni zokuxhumana niwahloniphe nawo wonke amaKhosi ngokwezigaba zawo kanye naso  Isilo sakwaZulu . Izinkundla zokuxhumana mazingasiphuci ubuntu.

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare 

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *