UBUHOLI BENDLU YENDABUKO BUSEMUKELE ISINQUMO SE SILO SOKUQOKA INKOSANA SYLOPE GUMBELA ZULU

SHEILA MHLONGO

Inkosana Sylope Gumbela Zulu enkantolo ephameke yaseTHekwini Durban High Court

Indlu yobukhosi bomdabu esifundazweni saKwaZulu Natal kanye nobuholi bamakhoisan (KZNPHTKL) ngaphansi kobuholi benkosi u R Shinga busamukele ngezandla ezimhlophe isinqumo sokuqokwa kuka Nkosana Sylope Gumbela Zulu sokumela iNkosi Misizulu kaZwelithini ndlini yobukhosi.

Inkosi Prince Zulu wasebukhosini baka Mandlakazi weNdlu yobukhosi bakwaZulu okwenzeke mhlaka 05 February 2025, Efungiswa ngokusemthethweni njengesithunywa seNkosi endlini iKZNHTKL efungiswa nguMengameli wamaJaji kwaZulu Natal uMnuz ZP Nkosi okwenzeke enkantolo ephakeme yaseThekwini.

Ekwamukelweni kokuqokwa kweNkosana Zulu, iNkosi uShinga yethulele isigqoko inkosi yamaZulu ungangezwelakhe ngokuqinisekisa ukumeleleka kwakhe endlini ngokuqoka abazommela. Ube eseseka nenkosi ngobuchule ekukhethweni kwezithunywa endlini ihambisana nezinhlaka zezokuxhumana ezivulelekile phakathi kweNkosi ne KZNPHTKL.

Ngaphezukwalokho, iNkosi Shinga ufisele inkosana Zulu okuhle kodwa esikhundleni sakhe esisha wedlulisa nemizwa yakhe yethemba lokuhloniphana onbudlelwano obuhle kwezokusebenzisana phakathi kwamakhosi kanye nezithunywa zenkosi. Ngaphezu kwalokho, iNkosi Shinga uthe unethemba lokuthi ubunzulu bolwazi lweNkosana Zulu kuzosiza ekuxazululeni izinkinga ezindabeni zomdabu. uzodlala indawo ebalulekile nasekuqinisekiseni ekubhekaneni nezinkinga eziqhamukayo endlini.       

Enkulumeni yakhe esithangamini sabezidaba, uNkosana ubonge inkosi ngokumqokela kulesikhundla, ube esethembisa ukubeka umsebenzi wesizwe samaZulu phambili nangokuthembeka ngaphandle kokwesaba nangokuchema. iNkosana Zulu uveze ukuthi uzoqinisekisa ukuvikela isithunzi senkosi ngakho konke anakho. Wengeze ngokuthi ubheke phambili ekusebenzeni eduze nendlu yobukhosi, ikakhulukazi abadala namakhosi ekugcwaliseni izifiso zeNkosi.  

Ikhishwe yi KZN Provincial House of Traditional and Khoisan Leaders

Enquiries:

Mr Dumo Ntyinkala – 066 000 1503 or Mr Siphamandla Mbewa – 072 120 2312

Ekugcineni.

Inkosana Sylope Gumbela Zulu usefungiswe njengelunga lobuholi be KZN Provincial House of Traditional and Khoi-San. Emcimbini, obubanjelwe enkantolo ephakeme yaseThekwini, Lapho efungiswe khona yiKZN Deputy Judge President Zaba Nkosi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *