Abakhahlanyezwe izikhukhula zase KZN bathuthelwe ezindaweni zokuhlala zesikhashana

SHEILA MHLONGO

Abantu abakhahlanyezwe izimvula ezinamandla  eThekwini namaphethelo bathuthelwe ezindaweni zokuhlala zesikhashana, kusho uMnyango Wezezindlu ngoLwesihlanu.Lokhu kulandela isimo sezulu esibi esiqhubekayo esiFundazweni saseKwaZulu-Natal.

Ukubambisana okuhlangene ezingeni  likahulumeni kazwelonke, wesifundazwe kanye noMasipala waseThekwini kuholele ekuthuthelweni kwemizi engu-47 ezindaweni zokuhlala zesikhashana ngoLwesine.

Esitatimendeni sawo, lo mnyango uthe izakhamizi zithuthelwe zisuswa esikhungweni esikhulu sokunakekela abantu abaningi.

Ekuqaleni kwaleli sonto, uNgqongqoshe Wezezindlu uThembi Simelane uthumele ithimba lezikhulu ngomyalelo ocacile wokuthola isixazululo sesikhashana esiphuthumayo ukusiza le mizi ethintekile.

Ngaleso sikhathi, uNgqongqoshe uqaphele ubukhulu benhlekelele futhi wancoma izinhlangano ezizimele ezifana ne-Red Cross ngokubambisana nohulumeni ukusiza abadinga usizo.

Emasontweni azayo, uNgqongqoshe uSimelane uzohlola ukusabela kanye nezinyathelo ezithathiwe ukuwehlisa umthelela wale nhlekelele kubantu abathintekile.

Uzohambisana noNgqongqoshe Wezezindlu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, kanye neMeya yoMasipala waseThekwini, uCyril Xaba, evakashela izindawo ezithintekile-SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *