KUNXUSWA U-NSFAS UKUBA UTHATHELE IZINYATHELO ZOMTHETHO ABANIKAZI BEZINDLU NGOKUXHAPHAZA IZITSHUDENI

WONDER NGCOBO

Usekela-Ngqongqoshe wakwa-Higher Education and Training  Buti Manamela, uthi i National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) kumele isukumele phezulu ithathele omastende abaxhaphaza izitshudeni eziswele.

Lokhu kulandela umbiko wabezindaba othi abanye omastende baphoqa ukukhokhelwa ngocansi  yizitshudeni ukuze zizothola izindawo zokuhlala.

Manamela uthe ukuxhashazwa kwezitshudeni ezingenamandla okuzivikela okwenziwa ngomastende kuyadumaza futhi kuyakhathaza.

“Ngifuna istatimende esizwakalayo ku NSFAS ngalezinsolo kanye nezinyathelo ezinqala ezizothathwa mayelana nophenyo. Ukuxoshwa nokunqanyulwa kwezinkontileka  kungalindeleka kulabo mastende abathintekayo ngokusho kukaManamela.

Ugcizelele isidingo esikhulu sokuthathelwa izinyathelo udaba lwezindawo zokuhlala zezitshudeni.

Uthe izikhungo , kuhlanganisa nabahlinzeki bezindawo zokuhlala, NSFAS, kanye noMnyango wemfundo ephakeme noqeqesho kumele basebenzisane ukuqinisekisa ukuthi izitshudeni ziphephile ngokwezindawo zokuhlala, izindawo ezinesizotha ngaphandle kokuxhashazwa nokuhlukunyezwa.

Manamela ucele izitshudeni ezithintekayo ukuba zibike amacala okuxhashazwa ngokushesha ezikhungweni, ku NSFAS kanjalo nasezinhlakeni zomthetho.

“Angeke sambekezelela umuntu odlalela kubafundi,” usho kanjalo.

Inqubekela phambili ekubhalisweni kwabafundi nasohlelweni lwezimali

Ngenkathi imibiko yomastende yokuhlukumeza iphazamisa, Manamela uveze ukuthi uhlelo lokubhaliswa kwabafundi luka 2025 luqhubeka kahle kakhulu. nezinkinga ezincane okumanje ziyalungiswa.

UNSFAS usethathe igxathu ekuqinisekiseni ukuthi izitshudeni ezixhasiwe ngokwezimali ziyabhaliswa ngaphandle kwezinkinga zezezimali,

ezihlanganisa:
• Akuzodingeka mali yokubhalisa kubafundi abathole uxhaso emanyuvesi azimele, naku maTVTET colleges.
• NSFAS close-out project students (awaiting outstanding fees from previous years) kuzomele bavunyelwe ukuqedela ezikhungweni abayalelwe kuzo ukuhambisa imininingwane kuNSFAS
•  NSFAS uhlelo lokubok=lekisa ngemali ku kubafaki zicelo ezikulungele kumele kuvunyelwe ukubhaliswa ukuze bezobekisa izindawo ngenkathi kuqedelwa amaphepha.
•  Abafundi abakweleta unyaka ka2024 kumele bavunyelwe ukubhalisa baphinde bethweswe iziqu zabo ngenkathi uNSFAS ezibophezele ekukhokheni izikweletu.

“Sidlulisa ukukhathazeka ngokubambezeleka kwezezimali nalapho uNSFAS esebenza ngokubambisana nezikhungo  ukuxazulula lezinkinga ngokushesha okumangalisayo,” kuqinisekisa uManamela.

Ukubhekisisa unyaka weZemfundo

Njengezithunywa zikaNgqongqoshe weMfundo ephakeme kanye Noqeqesho, uDokotela Nobuhle Nkabane, bazobhekisisa i progress kwi academic year nokuqinisekisa ukuthi izinto ezihlupha abafundi ziyalungiswa, usekela ngqongqoshe uzobe esevakashela eLimpopo, North West, Northen Cape kanye nase Gauteng emasontweni amabili.

“Lokhu kuvakasha kuzosinika ithuba lokuxhumana ngqo nezitshudeni, ubuholi bezikhungo kanye nezikhulu zeNSFAS ukuqinisekisa ukuthi ukubhaliswa, izindawo zokuhlala kanye nodaba lohlelo lwezezimali ukuthi zimi ngomumo. Kusho uManamela.

Izitshudeni emanyuvesi, kuhlanganisa nama TVET colleges,Community Education and Training (CET) colleges,  bayazibika izindawo ezingakulungele ukusetshenziswa, uma bebona ukuxhaphazeka  kumbe izimo ezingagculisi zezokuphepha ehhovisi lesikhungo elibhekele izindaba zabafundi, naku NSFAS helpline: 0800 067 327 / info@nsfas.org.za.

“Uma uthola ubunzima mayelana nokubhalisa noma ngezinto ezithinta uxhaso luka NSFAS, mabaxhumane nethimba lezosizo elitshalwe ezikhungweni noma baxhumane ne SRC ngokosizo. Izikhungo eziningi zinohlelo lokwelulekwa ngokomqondo  lapho abafundi bayanxuswa ukuba basebenzise lezinsiza.

“Abafundi bethu akumele babekezelele ukuxhashazwa, ukuhlukunyezwa noma noma izithiyo emfundweni yabo. Sizoqhubeka nokusebenzisana nazo zonke izinhlaka ukuqinisekisa ukuphepha nokweseka isimo semfundo kawonkewonke.”  Kusho uManamela.
 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *