I-SANRAL akusiyo eklama isivinini sejubane lokuhamba kwezimoto emqwaqeni emikhulu kazwelonke (national roads)

SHEILA MHLONGO

I-South African National Roads Agency SOC Limited  (SANRAL) ifisa ukuchaza mayelana nombiko  osabalele othi iSANRAL izoshintsa imiklamo yesivinini futhi iphoqelele imithetho emisha –   ezoqinisekisa ukuthi kunciphe izingozi zomgwaqo. I-SANRAL ithi lokhu akusilo iqiniso.

USANRAL unesibopho sokuphatha, ukulungisa, ukuthuthukisa nokugcina imigwaqo kazwelonke, ngokwemithetho yeSANRAL Act ka-1998. Kodwa ayinagunya lokuphoqelela imithetho yezokuphepha noma izivinini.

Umbiko ongelona iqiniso uthi kusukela ngo-1 Julayi, kuzoba nezinguquko ezifaka:

  • Izindlela zasemadolobheni: kusuka ku-60 km/h kuya ku-50 km/h
  • Ezisemaphandleni: kusuka ku-100 km/h kuya ku-80 km/h
  • Imigwaqo emikhulu: kusuka ku-120 km/h iye ku-110 km/h
  • Izimoto ezisindayo: kufike ku-90 km/h kuyo yonke imigwaqo
  • Izindawo zesikole: 30 km/h ngesikhathi sesikole

USANRAL ukhuthaza umphakathi ukuba uthinte inombolo yocingo ethi 0800 204 508 noma uthumele i-imeyili ku sanral@tip-offs.co.za uma unolwazi olungaqinisekile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *