I-SASSA ixwayisa umphakathi ngombiko ongesilo iqiniso mayelana nabemukela isibonelelo sikahulumeni (social grant)

SHEILA MHLONGO

NgoLwesihlanu, 16 Meyi 2025 – I-South African Social Security Agency (SASSA) ichithile amahlebezi athi kuzokhokhwa ama-grant kabili ngoJuni. Okulumela abe SASSA kuzwelonke uPaseka Letsatsi uthe lokhu akulona iqiniso futhi akwamukelekile.

U-SASSA ucele abathola ama-grant ukuthi bangalindeli zinkokhelo eziphindwe kabili ngoJuni. Uthe ukwenyuswa kwama-grant kwamenyezelwa ngoEphreli,  futhi kuzophinde kwenyuswe ngo-Okthoba 2025. Noma yiluphi olunye ulwazi olungamenyezelwanga yiziphathimandla ezisemthethweni, maluthathwe njengamanga.

Uphinde wachitha amahlebezi athi “imithetho emisha izothinta ipenshini” kusukela ngo-10 Juni 2025. Uthe ukuhlola imininingwane yezinye izigaba zabahola i-grant kwaqala ngoMeyi ukuze babuyekeze imininingwane yabo ehhovisi le-SASSA.

U-SASSA ucele abantu ukuthi bathembele kuphela emithonjeni esemthethweni ukuze bagweme ukusabalalisa ulwazi olungelona iqiniso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *