Samukelisiwe Mbonambi
I-South African Medical Association okuyinhlangano yezobuchwepheshe yabasebenzi bezokwelapha bezinkampani zikahulumeni nezizimele eNingizimu Afrika ithi uhulumeni kumele athathe isinyathelo manje asize abafundi bakuleli abafundela ubudokotela ezweni laseRussia njengoba bebhekene nenkinga yokuxoshwa.
Bangaphezulu kuka-200 abafundi bakuleli abayigxenye yohlelo lokufundela izifundo zobudokotela oluqhutshwa yilamazwe womabili ngokubambisana.
Kodwa kuthiwa bangaxoshwa noma inini eRussia njengoba sekuphele izinyanga ezimbalwa bengakazitholi izibonelelo zabo okumele engabe baxhaswa ngazo.
Udokotela uMvuyisi Mzukwa ongusihlalo weSAMA ekhuluma nabezindaba uthe lokhu akugcini nje ngokuba yingozi ezifundweni zabo kuphela kodwa kushiye abafundi abaningi behlukumezekile futhi benengcindezi njengoba bengazi ini ezolandela ngezimpilo zabo.
Eqhuba uthi imiphumela yocwaningo mayelana naloludaba iveza ukuthi umuntu oqokwe wuhulumeni waseNingizimu Afrika ubelokhu engayigcini inkontileka yakhe nabafundi ngendlela efanele.
“Sinabafundi abatshelwa ukuthi abavule ama-akhawnti ukuze bathunyelelwe imali kodwa laba bafundi kuvela ukuthi abalutholi uxhaso lwemali okumele ngabe bayaluthola kuhulumeni wesifundazwe.
Nalaba abaholayo kuningi okungahlangani njengoba ucwaningo luveza ukuthi ngaphambilini bebekhokhelwa izinyanga ezimbili, bese kuthi izinyanga ezimbili kungangeni lutho okuyinto eshaqisayo kakhulu,” kuphetha uMvuyisi Mzukwa.

