Abe NPA bazoshushisa noma ubani ngaphandle kokukhetha iphela emasini

Samukelisiwe Mbonambi

INHLOKO yeNational Prosecuting Authority Investigative Directorate (NPA ID), u-Advocate Andrea Johnson, uthe uphiko lwabashushisi luzoqhubeka nokusebenza ngaphandle kokwesaba nokuchema.

Lokhu kulandela ukuboshwa nokuvela enkantolo kwabantu abayi-7 enkantolo yamacala akhethekile eMiddelburg ngamacala enkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokushushumbisa imali ahlobene nenkontileka yokulawula nokusetshenziswa kwezinsimbi zika-R2.2 billion esiteshini sikagesi iKusile Power Station kwa-Eskom.

Abasolwa yilaba:

  • Owayeyisikhulu esiphezulu se-SA Local Government Association (SALGA) uThabo Mokwena.
  • OwayeyiChief Executive Officer yesikhashana yakwa-Eskom u-Matšhela Koko, unkosikazi wakhe, uMosima Koko, kanye namadodakazi kaKoko uKoketso Aren noThato Choma.
  • Umqondisi weprojekthi yakwa-Eskom Ekusile Hlupheka Sithole.
  • Abameli uJohannes Coetzee noWatson Seswai.

Okhulumela i-NPA, uSindisiwe Seboka, uchaze ukuthi amacala abhekene nalaba abayisikhombisa asukela ekuqashweni ngendlela engafanele kwenkampani yaseSwitzerland, i-Asea Brown Boveri (ABB), ukuthi yenze umsebenzi esiteshini sikagesi iKusile.

“Ukuboshwa kuka-Koko nabanye abayisikhombisa kuyisinqumo esicacile sezikhungo zomthetho kanye nokuqhubeka kokuqaliswa kwemiphumela yophenyo ye-SIU kanye nokuphathwa kwemiphumela ukuze kubuyiswe izimpahla nokulahlekelwa kwezimali okutholwe yizikhungo zombuso kanye/noma ukuvimbela ukulahlekelwa okwengeziwe.

“I-SIU isungule uhlelo lokuqulwa kwamacala omphakathi, ukubuyisela yonke imali eyalahleka ka-Esokm kubo bonke abathintekayo futhi ibenze baphendule eminye imiphumela yezokuphatha nekazwelonke kanye neyomhlaba izolandela okuhlanganisa ukufakwa ohlwini lwabangagunyaziwe kwe-ABB,” kusho okhulumela uphiko oluphenya amacala ayisipesheli uKaizer Kganyago.