Isiqiwu saseHluhluwe sithi indlulamithi eyabulala ingane encane abakayibulali

Samukelisiwe Mbonambi

ABAPHATHI besiqiwi saseHluhluwe iKuleni Game Park bathi indlulamithi eyalimaza ingane abakayibulali, ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi iKuleni Game Park  isikuqinisekisile ukuthi umndeni ubuyizakhamuzi ezizimele kulesi siqiwi.

UNicole Panos oneminyaka engu-25 ubudala, ongumqondisi oqeqeshiwe, ubehamba nezingane zakhe kule ndawo ebusuku ngesikhathi behlangana nomhlambi omncane wezindlulamithi, okuhlanganisa namankonyane. UPanos nezingane zakhe badlula  njengenjwayelo ezilwaneni njengoba vele kuyizilwane ezivamile kumbe ezijwayele ukubonakala endaweni nokuyilapho enye yezindlulamithi yahlasela khona ingane endala.

Ngaphambi kokuthi ihlasele uPanos kanye nengane yakhe enezinyanga eziwu-16 (1 year & 4 months) yathi uma iqeda zaseziyabaleka izindlulamithi zangena ehlathini eliseduze zingenamyocu.

Ingane idlule emhlabeni ngesikhathi efika kudokotela wendawo esigamekweni, unina wayo wabe esephuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane ngokuba sesimweni esibucayi.

Usihlalo webhodi lama-trustees uBrian Ring uthe bashaqekile futhi bahlukumezekile ngalesi sigameko – echaza uPanos njengengxenye ethandwa kakhulu emndenini wasekuleni. Uthe kule minyaka engaphezulu kuka-20 leli paki lasungulwa, izinkulungwane zezivakashi zihlala zifika ziphinde zihambe kulendawo ngaphandle kwesigameko kuyaqala ukwenzeka into efana nale.