UDABA NEZITHOMBE: NHLANHLA MPOFANA
Injabulo ibibhalwe ebusweni ezintokazini ebezingenele umncintiswano wesicoco sika Miss INK wokuqala obuhlelwe inkampani ezinze KwaMashu, Ink Art Foundation (NPC).Lomncintiswano ububanjelwe eDurban Exclusive Lounge.
Le nkampani isukungulwe ngamalunga ayisithupha (Nhlanhla Mpofana, Zweli Mabaso, Nhlanhla Ngwane, Nompumelelo Ntombela, Thabo Gcaba kanye noNozipho Sibiya) isizakhele udumo ngokunika amathuba abantu abasha emikhakheni eyahlukene okubalwa umsakazo ngobuchwepheshe besimanje (online radio) kanye nesiteshi ku Youtube ukubala okunye abakwenzayo

NgoMgqibelo womhlaka 24 June 2023. Ink Art Foundation ibambe indumezulu yomcimbi wokumodela obeyisasasa kakhulu, obuhlukene izigaba ezintathu. Bekumodela abasebancane, kube nama Teenagers mase kuba abadala. Beshiyelana inkundla izintokazi zidlana imilala nabazali bephume ngobuningi babo ukuzokweseka.

Intokazi yakwa Duma ka Mthombeni eyaziwa ngelika McFuze ibilubambise okwezikhali zamaNtungwa uhlelo
Naba abaphumelele osukwini ngohla lwabo:
Kwabadala:
Queen :Nokwanda Ncamane
1st:Akhona Dyido
2nd:Kwakhanya Hlongwa
Teen
Queen: Sthembile Nkwanyana
1st:Anele Malunga
2nd:Nothando Dladla
Abancane
Queen:Siphosethu Sibiya
1st:Amlonde Ndlovu
2nd:Zime Myende
Ambassador :1st Semmy Annane
2nd Sisanda Mabaso
Public Choice :Nontobeko Mkhize
Personality : Nokwanda Ncamane
Special titles Esethu Ntanzi youngest
Disability :Lubanzi Sibisi
Ink Art Foundation ithanda ukudlulisa ukubonga kubaxhasi bayo okuyi SLG (pty) Ltd kanye ne Gifted Clothing
Kwabanye ababehambele lomcimbi kubalwa umholi webandla iDouble Portion Family Church u Bhishop S Faya ehambisana noMxolisi Thusi
Akhona namazwibela ezithombe. Siyamhalisela uQueen Nokwanda Ncamane ngokuqokwa kwakhe.

