UHalalisani Magubane owenza umculo we Hip hop uthi ufisa ukukhula endimeni yezomculo

UHalalisani Magubane (29)Stage Name  sakhe, Bhuti Halar,wenza umculo we  Hiphop Mixedo ohlangne neAfrosoul,ungowokuzalwa Empangeni esigodini saKwaBiyela,kodwa ngokomsebenzi utholakala Eskhawini enyakatho yeKwaZulu-Natali.

Uqale uthando lomculo ngesikhathi esengumfundi esikoleni iDover High School, Empangeni ngonyaka ka 2009, ezithandela ukwenza iRapping. Ngonyaka ka 2015 ukhiphe EP yakhe yokuqala ethi Zulu Diego kanye ne Single eyenza kahle kakhulu abantu bayithanda.

“Manje ngifuna abantu bazi ukuthi umculo wami uyelapha kanti unomyalezo ophilisayo kusukela kubantu abasha kuze kube abadala.Kanti isifiso sami ukuthi ngikhule endimeni yomculo ngiphinde ngikwazi nokwenza imicimbi emikhulu”. Kuchaza uHalalisani.

Ephetha uHalalisani, uthi  umculo wakhe ungawuthola ku Youtube, Itunes, Spotify Too. Kanti bonke abafisa ukuxhumana naye uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana :Bhuti Halar

(Facebook)Instagram (halalisani Bayanda)

Inombolo yocingo: 0694199224

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.