USimiso Gina(16) owenza u-Grade11 e-Nsimbini Secondary school okuyisikole esiyi TECHNICAL, uthi ngomunye unyaka mhla eqala ukulalela umsakazo iNongoma fm wazithela kumsakazi ogama lakhe u-Nqubeko Ndlela owayeshayela uhlelo olungena njalo ntambama kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusukela ngo 3 kuya ku 5 olwabe lubizwa ngokuthi i-DRIVE CONNECTION.
USimiso uthi uNqubeko nguyena umuntu owamenza waba namaphupho okuba ngumsakazi empilweni yakhe, indlela asakaza ngayo , aphatha ngayo abantu kanjalo nanomoya wakhe omuhle imvamisa abanye abasakazi bayaye bengabi nandaba nomunye umuntu, okuthe sekuhamba isikhathi sokuguqula izinhlelo zemisakazo uNqubeko washayela uhlelo lwasekuseni olwalungena ngo-06:00 -09:00 olwalubizwa nge-Morning Drive.
Isikhathi esiningi uNqubeko usiza ukutholisa abantu abadukekene nemindeni yabo emakhasini akhe e-social media, “konke akwenzayo ngiyohlala ngimethemba, i-NongomaFM ingezinye zeziteshi ezihamba phambili e-KZN futhi ezidlalubi ephethwe u-Prince Siboniso Zulu oyi station manager eyasungulwa inkosi yamaZulu ngo-June 2015, sengathi Konke akufisayo uNqubeko kungaphumelela, kodwa engikushoyo ngelinye lulanga ngiyofana nawe angeke ngilifulathele ngingabanga umsakazi #NqubekoNdlela #NongomaFM #WePlayAndYouListen”. kuphetha uSimiso Gina.

