U-Ezenhlanhla Ncapai( 40) ongumsiki wengqephu yabantu abazimukile ngomzimba noma izidudla uthunga izingubo ezingu Plus Size, ukhulele KwaMashu kodwa manje utholakala eNewlands West.
Uqale uthando lokuba umsiki wengqephu ngonyaka ka 2015 lokhu ekwenza ngokuzithungela izingubo zakhe aphinde futhi athungele nabanye abantu. Uthi lokhu ubekwenza ngesikhathi esaqashwe ngokugcwele emsebenzini. Kodwa ngenxa yokuba matasa kwadingeka ukuthi esule emsebenzini ukuze abe nesikhathi esanele sokulandela iphupho lakhe.

Echaza uNcapai, uthi uthando lokuthungela abantu abayizidudla ludalwe inkinga yokuthi kunzima ukuthola izingubo zokugqoka ezitolo, uma ungumuntu omkhulu ngomzimba. “Okungakho ngathatha isinqumo sokuthi ngizothunga ngigqokise amakhasimende ami amakhulu ngoba ngiyalwazi usizi lokweswela ingubo yokugqoka”.
Indlela athunga ngayo uthi amakhasimende akhe uwenza azizwe engama Queens futhi enokuzethemba ngezingubo zawo ezingoPlus Size kodwa eziwenza abukeke emahle kakhulu futhi enomdlandla.
Ezinkundleni zokuxhumana utholakala :Ze Ncapai (Facebook)Instagram – Plump Fashions: Cellphone Bumber – 0793774082/072237566

