INTATHELI YE-KZN NAMUHLA
UMhleli wephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uNksz. Sheila Mhlongo ube ngomunye wabathole ukuhlonishwa inhlangano iChinmaya Foundation –India. Lokhu kuhlonishwa kwabantu basemazweni angu -72, kwenzeka njengenxenye yokubungaza iChinmaya Foundation ibungaze usuku lwayo osekungokweshumi nanhlanu-15.
Inhlangano iChinmaya inobudlelwano obuhle nabantu abavela emikhakheni ehlukene okubalwa abezindaba, kanye nabanye bamazwe ehlukene angu-72 lapho iye yaphromotha abantu abanamathalente ehlukene, babalelwa ku-100 abesifazane abathole ukuhlonishwa ngaphansi kwezigaba ezahlukene okubalwa Queen Rani, Maharani, Patrani, Akshay Patrani Pat Mahisi, Akshay Patamahisi kanye namanye, kanti uMhleli uSheila Mhlongo uhlonishwe ngesitifiketi se”MAN OF THE YEAR”.
UMhleli ube esezwakalisa ukubonga lenhlangano ngokumqoka njengomuntu wesifazane obalulekile ezweni laseNingizimu Afrika.
“Ngiyabonga kwi- Chinmaya Foundation ngokungihlonipha ngalesifitiketi esihle kangaka kodwa kakhulu ngibonga uChairman nomsunguli wenhlangano iCUM- International uDr. Chinmaya Dash.” Kusho uMhleli uSheila kwi-video ayithumele kulenhlangano.


