SHEILA MHLONGO
Kwethulwe ngokusemthethweni inkampani Shandy’s Entertainment emcimbini obubanjelwe e-Albany Hotel, eThekwini ngoMgqibelo mhla zingu-15 Febhuwari, lapho amaCiko ebonakale esina ededelana enandisa amanye awo awakhona eShandy’s Entertainment.
Ekhuluma neKZN Namuhla Community Newspaper uMhleli woMcimbi uMnu. Siyabonga Dlamini uthe, “ngidlulisa ukubonga kubo bonke abenze lomcimbi waba impumelelo lokhu okwenzekayo kuhlala kuyisifo sami njalo ukubona amaCiko amancane ( asafufusa) esina ededelana emicimbini futhi ehlonishwa kukho konke ngizodlulisa ukubonga nakuMhleli wePhephandaba iKZN Namuhla ngokuba yingxenye yabantu abahlonipha amaCiko asafufusa njengoba kunemicimbi ayenzayo eqondene nawo nqo, ngihlonipha noMama Vumile Mngoma ngokuhlala ekhuthaza ngamazwi anika ithemba kulabo abakwi-Entertainment ngokwehlukana kwabo ubuciko.” esho
“Ngizophinde ngibonge neNtokazi uMpho Enhle Ngoepe ‘Artist Manager’ esuke eGoli yazobungaza nathi akugcini lapho ngizophinde ngihloniphe abantu abaneqhaza elihle ekusizeni nasekubambisaneni ukuphakamisa amaCiko angakadumi nasekupromotheni amaciko ukubabala:Ps Nzonzoman Ntombela (Highway Radio), Mhleli Sheila Mhlongo(Founder KZN Namuhla Community Newspaper), B.R Ngcobo, Mpho Ngoepe(Artist Manager) , Nkosinathi Mkhabela (Nkululeko Newspaper) Vumile Mngoma (Artist leader izintombi Zavumile) kanye no Ndumiso Zondi.” Bahlonishwe ngez Ephetha.
Ngokusho koMsunguli wayo uMnu. Siyabonga Dlamini uthi “iShandis izoqeda unyaka wesithathu yasungulwa ,inhloso ngqangi yayo ukuvundulula amakhono entsheni ukuze igxile kwizinto ezizosiza yona ngomuso ikwazi ukubeka isinkwa etafuleni ,isungulwe ngonyaka ka-2022 isungulwa ngu Mr S Dlamini ngenxa yokunxenxwa amaCiko ukuthi inkulu indima angayidlala ekufukuleni amaciko, siyiShandis asikholelwa kwizinto ezingasiyisi phambili kodwa sithanda ukubona amaciko ephumelela, lento yokuthi uyiciko ukhokhelwe ngotshwala bungeke wathatha leyomali ube nomasingcwabisane okukhavile kuze makufika usuku esingalilindele singabi nenkinga yokuthi sesihlanganisa izimali ,Okunye siyi Shandis sikholelwa ekutheni amaciko awanikwe ithuba ukuze kuvele imisebenzi yawo yingakho ke silwa ukuthi alikho iCiko elimane libe likhulu liqala,lincane lize libe kulelozinga.
Kuyangijabulisa ukuthi iShandis ikhombisa ukudlondlobala kwezikaqedisizungu ngoba kubaculi ebinabo, sibala T.M, Familiar, Makhonya, Mamdudu, Mafih, Malume Lafah, Skeqe, Mshini Magudu, Shintshi kanti kwabasanda kuphumela obala ngokuba yingxenye yeShandis uBhemude, KingCebzin, Sengwayo the legend kanti abanye asebetshengise intshisekelo yokufudukela kwi Shandis abafuna ukubambisana nayo singabala Futhi Mahlasela, Vumile Mngoma,Kanti sidinga kakhulu ukwesekwa njengoba ngenyanga ka-May 24 siyomela iKZN kumafinal eMTCMA AWARDS ,bese ngoSeptember amabombo abheke eMpumalanga ngezi-2, lapho sisazokwenza nomjikelezo sobheka amakhono ngoba sifuna ukwenza indumezulu yomcimbi wokuvala unyaka lapho kobe kudedelana amaciko asakhula kuze ezozizwa ukuthi nawo likhulu iqhaza labo. Kanti njengamanje sisezinhlelweni zokuthola indawo ethe xaxa eThekwini for i-office kanye ne Studio, kuze wonke umsebenzi uzokwenzelwa khona kuzokhumbuleka ukuthi iNanda inezigigaba eziningi.
iNanda indawo edume kabi kodwa iShandis isungulwe khona eNanda ukuze sikhiphe intsha ebugebengwini kanye nakuzidakamizwa njengoba sinamaciko avela nxazonke zeKZN sizosabalala uMzansi wonke abafuna ukubambisana nathi kuloluhambo izandla sizivulile siyatholakala ezinkundleni zokuxhumana ,Facebook , Instagram, YouTube, G-mail,(0837458148)


