
Imenenja yeTheku uMusa Mbhele ngesikhathi kunesithangami nabezindaba ngesikhathi echaza mayelana nezinsolo zokuqashwa kuMetro Police
SHEILA MHLONGO
Umasipala ugcizelela ukuzibophezela kwawo ekusebenzeni ngobuqotho
IMenenja kaMasipala waseThekwini, uMnu Musa Mbhele, ibambe isithangami sabezindaba ngoLwesithathu lomhlaka 2 Septemba ukuze azise abezindaba nomphakathi ngezinyathelo ezithathwe uMasipala ukubhekana nezinsolo zokungaqashwa ngendlela efanele kwamaphoyisa kaMasipala.
IMenenja kaMasipala ikuqinisekisile ukuba khona kwemibiko emibili eyahlanganiswa uphiko lukaMasipala olubhekele ubuqotho nophenyo, i-Integrity and Investigations Directorate. Lolu phiko lwaphenya izinsolo zokungahambi ngendlela efanele kwenqubo yokuqasha amaphoyisa kaMasipala.
Umbiko obizwa ngeNexus Report, owaphothulwa ngo-2020, waphenya amaqoqo amabili abantu abaqashwa ngonyakamali ka-2017/18 noka-2018/19. Lo mbiko waveza ukuthi ukuqashwa kwamaphoyisa amane kwakungenziwanga ngendlela efanele.
Ngemuva kwezinyathelo zomthetho ezalandelwa uMasipala, lolu daba lwaxazululwa futhi ukuqashwa kwala maphoyisa kwagunyazwa ukuba kuqhubeke.
Umbiko wesibili, obizwa nge-Isiqu Report, waphenya izinsolo zokungahambi ngendlela efanele kwenqubo yokuqasha amaphoyisa ngonyakamali ka-2023/24. Lo mbiko wancoma ukuba kuthathelwe izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe izisebenzi ezine: isikhulu esigunyaziwe, izikhulu ezimbili zoPhiko Lwezabasebenzi kanye nesisebenzi soPhiko Lokweseka Amabhizinisi.
Lo mbiko uphinde waveza ukuthi kusolwa ukuthi kwakhokhwa imali engu-R420 000. Kuthiwa amanye amalungu omphakathi akhohliswa ngesinye sezisebenzi ezimisiwe emsebenzini, athembiswa imisebenzi engagcinanga itholakele.
Sekuvulwe icala lobugebengu emaphoyiseni aseNingizimu Afrika ngaphansi kwenombolo ethi CAS 521/1/2026.
Ekhuluma ngesikhathi sesithangami sabezindaba, uMbhele uqinisekise izakhamuzi ngokuzibophezela kukaMasipala ekuqhubeni izinhlelo zokuqasha ngendlela esobala nelandela imigomo yokuphatha kahle.
“Uma kukhona okubukeka njengenkohlakalo futhi kunezimpawu zenkohlakalo, sisebenzisa zonke izinhlaka zomthetho ukuze kubhekwane nakho,” kusho uMnu Mbhele.
UKhomishana wamaPhoyisa kaMasipala, uKhomishana Sbonelo Mchunu, unxuse amalungu omphakathi ukuba aqaphele abakhwabanisi abazenza izikhulu bese befuna ukufumbathiswa ngokuthembisa abantu imisebenzi engekho emaPhoyiseni kaMasipala.
UKhomishana uthe ziningi izigameko lapho abantu bekhokhele khona abakhwabanisi imali yokufumbathisa, bona bebathembisa imisebenzi engekho.
Umphakathi uphinde waxwayiswa ngabasebenzisi bezinkundla zokuxhumana abangazivezi ukuthi bangobani, abasabalalisa imininingwane engamanga ngenhloso yokungcolisa isithunzi sikaMasipala. Lokhu kubandakanya izinsolo ezingenabo ubufakazi zokuthi kukhokhwa izigidi zamarandi ukuze abantu bathole imisebenzi.
UMasipala ukuqinisekisile ukuthi azikho izinsolo ezinjalo ezivezwe kunoma yimuphi kule mibiko emibili. Uphinde wagcizelela ukuthi lapho kutholakale khona ukwephulwa komthetho, uthatha izinyathelo ngaphandle kokwesaba noma ukuchema.
Izakhamuzi ziyakhunjuzwa ukuthi imisebenzi kaMasipala ayidayiswa. Abasola izenzo zenkohlakalo bayanxuswa ukuba bazibike oPhikweni Lwezobuqotho Nophenyo ngenombolo yamahhala ethi:
0800 20 20 20

