
IMeya kaMasipala waseThekwini, uKhansela Cyril Xaba,
SHEILA MHLONGO
IMeya kaMasipala waseThekwini, uKhansela Cyril Xaba, isinxuse izakhamuzi ukuba ziyeke ukwakha phezu kwengqalasizinda kaMasipala yamanzi nokuthuthwa kwendle. Uphinde waxwayisa ngokulahlwa kwezinto ezingafanele emapayipini endle nasemigodini yokuhlola indle.
IMeya yenze lesi sicelo namuhla ngesikhathi iqhuba uhlelo lokuqapha ukuhlinzekwa kwezidingo KwaMashu, lapho ihlole khona izinkinga eziqhubekayo zokuchitheka kwendle nokuqhuma kwamapayipi amanzi.
IKwaMashu iyindawo ebhekene nezigameko eziningi kakhulu zokuchitheka kwendle eThekwini, ilandelwe yiNanda, iNtuzuma kanye noMlazi.
Nakuba ukwanda kwesibalo sabantu kuqhubeka nokufaka ingcindezi enkulu engqalasizindeni kaMasipala yamanzi nokuthuthwa kwendle, ezinye zalezi zinkinga zibhebhethekiswa izakhamuzi ezakha phezu kwengqalasizinda kaMasipala futhi zilahle izinto ezingafanele emapayipini endle nasemigodini yokuhlola indle.
“Ngesikhathi ngihambele le ndawo ukuyoqapha ukuhlinzekwa kwezidingo, ngithole ukuthi abantu bakha phezu kwengqalasizinda yethu. Lokhu kudala izinkinga ezinkulu lapho amathimba ethu ebizwa ukuba azovula amapayipi endle avalekile. Sinxusa izakhamuzi ukuba ziyeke ukwenza lokhu. Ukuze kubhekwane nale nkinga, amathimba ethu asephothula amapulani okushintsha umzila wamapayipi amaningi endle akule ndawo,” kusho iMeya uXaba.
IMeya iphinde yayalela izikhulu zikaMasipala ukuba ziqinise imikhankaso yokufundisa umphakathi ngokusetshenziswa okufanele kwengqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle, kanye nezingozi ezihambisana nokusetshenziswa kwayo ngendlela engafanele.
Lo mkhankaso uzobe usudluliselwa nakwezinye izindawo ezingaphansi kukaMasipala waseThekwini.
Nokho, amathimba kaMasipala azoqhubeka nokusebenza KwaMashu ukuze axazulule zonke izinkinga esezihlonziwe futhi athuthukise ukwethembeka kwezinsiza zamanzi nokuthuthwa kwendle kule ndawo.

