
SHEILA MHLONGO
IPhini likaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uPeace Mabe, lihalalisele amaBhokobhoko ngokunqoba kanzima ama-All Blacks aseNew Zealand ngo-33–26 eDHL Stadium eKapa ngempelasonto edlule.
Lokhu kunqoba emdlalweni wesibili wokuhlolana ochungechungeni lweCastle Double Malt Rugby’s Greatest Rivalry kuvumele iNingizimu Afrika ukuba ibuye ngamandla ngemuva kokuhlulwa ngo-33–16 emdlalweni wokuqala obuse-Ellis Park, eGoli, ngempelasonto eyedlule.
Esitatimendeni sangoMsombuluko, uMabe uthe amaBhokobhoko akhombise isibindi, isimilo nokuzimisela okudingekayo ukuze anqobe elinye lamaqembu anamandla kakhulu ebholeni lombhoxo lomhlaba.
“Sihalalisela amaBhokobhoko ngokunqoba kwawo okubalulekile nokukhombise isibindi ebhekene nama-All Blacks. Iqembu liphendule ngomfutho, ngokuzithiba nangokuzimisela abantu baseNingizimu Afrika asebekulindele eqenjini lethu lesizwe lombhoxo.
“Ngemuva kokuphoxeka emdlalweni wokuqala, abadlali babuyele enkundleni bazi ukuthi kufanele bakhombise ukuzimisela okukhulu. Bawemukele lowo mthwalo futhi badlala ngendlela eyenze amaqembu alingana kulolu chungechunge, yaphinde yabuyisa umfutho ngaphambi komdlalo wesithathu.
“Lona bekuwumdlalo onzima phakathi kwezizwe ezimbili eziziqhenyayo ngebhola lombhoxo. AmaBhokobhoko ahlolwe kwaze kwakhala impempe yokugcina, kodwa ahlala ezolile futhi avikela ukuhola kwawo ngaphansi kwengcindezi enkulu. Lowo moya wokulwa wenze lokhu kunqoba kwaba nenjongo enkulu nakakhulu,” kusho yena.
AmaBhokobhoko awuqale ngamandla umdlalo, uJesse Kriel washaya i-try yokuqala ngomzuzu wokuqala.
UDamian de Allende noSiya Kolisi nabo bashaya ama-try ngesiwombe sokuqala, okusize iNingizimu Afrika yahamba phambili ngo-24–14 ngesikhathi sekhefu.
UCheslin Kolbe ufake amaphuzu angu-18 ngokukhahlela, wasiza amaBhokobhoko ukuba aqhubeke nokuhola ngesikhathi ama-All Blacks elwela ukubuyela emdlalweni.
Lo mdlalo uphinde waba ngowokugubha ukubonakala kukaPieter-Steph du Toit emdlalweni wakhe wokuhlolana we-100 emele iNingizimu Afrika. Lokhu kumenze waba yiBhokobhoko le-11 kuphela ukufinyelela kuleli qophelo eliyingqophamlando.
“UPieter-Steph du Toit usebenzele ibhola lombhoxo laseNingizimu Afrika ngokuzikhandla nangokwenza kahle. Ukufinyelela emidlalweni yokuhlolana engu-100 kudinga ukuzinikela okukhulu, ukuqina nokudlala ngendlela esezingeni eliphezulu njalo.
“Ukugubha lesi sigameko esiyingqophamlando ngokunqoba ama-All Blacks kwenza lolu suku lukhumbuleke nakakhulu. Sihalalisela yena, umndeni wakhe kanye nabo bonke ababambe iqhaza ohambweni lwakhe olumangalisayo egqoke imibala eluhlaza nesagolide,” kusho iPhini likaNgqongqoshe uMabe.
UMabe uphinde wabonga abalandeli abebegcwalise iDHL Stadium, kanye nezigidi zabantu baseNingizimu Afrika ebezilandela umdlalo ezweni lonke.
“Siphinde sihalalisele amaBhokobhoko. Niphendule ngesikhathi izwe linidinga, namela iNingizimu Afrika ngokuziqhenya futhi nakhumbuza umhlaba ngesibindi esichaza imibala yethu eluhlaza nesagolide. Phambili Bokke!” kusho iPhini likaNgqongqoshe uMabe. — SAnews.gov.za

