UNgqongqoshe uButhelezi uncome iBritish High Commission ngokuthuthukisa ezokuxhumana nge-intanethi KwaZulu-Natali

ESITHOMBENI -UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi  ekanye nabamele iiKhomishani Ephakeme yaseBrithani

INanda- UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uncome iKhomishani Ephakeme yaseBrithani ngokutshala imali esifundazweni ngenhloso yokuhlomisa abahlinzeki bendawo bezokuxhumana ukuze bakwazi ukuhlinzeka nge-inthanethi engabizi kakhulu ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.

UMEC Buthelezi ubemele uHulumeni wesiFundazwe ngesikhathi kwethulwa uhlelo i-Sustainable Connectivity and Community-Led Digital Economies in South Africa Project eNanda ngoLwesibili. Lolu hlelo lwethulwe nguMhlonishwa uLisa Weedon, oyiBamba leKhomishani Ephakeme yaseBrithani eNingizimu Afrika.

Isifundazwe saKwaZulu-Natal singesinye sezihlomula otshalweni-mali luka-R5 million olwenziwe yiKhomishani Ephakeme yaseBrithani. Lolu xhaso luzosiza abahlinzeki bendawo bezokuxhumana ukuba bakhe futhi bandise ingqalasizinda yokuxhumana ngobuchwepheshe, ukuze imiphakathi yasemakhaya nasemalokishini ithole i-inthanethi engabizi kakhulu.

Lolu hlelo seluhlomulise imiphakathi ethile yaseNdwedwe naseNanda.

Ekhuluma nezihambeli ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo, uMEC Buthelezi ulwamukele njengobudlelwano obubalulekile obuhlose ukuhlinzeka ngokuxhumana okusimeme ezindaweni zasemakhaya. Uthe njengoba umnotho wanamuhla uncike kakhulu kubuchwepheshe, lolu hlelo luzovula amathuba amasha futhi luhehe ukutshalwa kwezimali emiphakathini eyayincishwe amathuba.

“Ingxenye enkulu yaKwaZulu-Natal isemakhaya, lapho imiphakathi eminingi ingakakwazi ukufinyelela ku-inthanethi. Lokhu kubeka intsha yethu engcupheni yokusala ngemuva, ikakhulukazi kwezemfundo, kuphinde kuyiphuthise namathuba ezomnotho. Siyaluthokozela utshalomali lweKhomishani Ephakeme yaseBrithani lokusiza abahlinzeki bendawo ukuba bakhe ingqalasizinda edingekayo.

“NjengoHulumeni, sithembisa ukulweseka ngokugcwele lolu hlelo futhi sifisa ukulubona lunwetshwa kuso sonke isifundazwe, lufinyelele ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini lapho ludingeka khona kakhulu,” kusho uMEC Buthelezi.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *