
Imikhiqizo yobuCiko etholakala e Galleria Pop Up Market
SHEILA MHLONGO
Kusukela kubucwebe obenziwe ngezandla, imikhiqizo yesikhumba, imvunulo yesintu kuya kobhasikidi abelukiwe, amabhizinisi endawo angaphezu kwangama-25 azokhangisa ngobuciko baseNingizimu Afrika ngesikhathi kuvulwa i-Galleria Heritage Pop-Up Market mhla lu-1 kuMandulo 2026.
Le makethe izonikeza abathengi ithuba lenyanga yonke lokuthola, ukweseka nokuthenga imikhiqizo eyenziwe kuleli.
Izosebenza kuze kube mhla zingama-30 kuMandulo 2026, e-Ground Floor Walkway e-Galleria Mall, eManzimtoti, phakathi kwe-Woolworths ne-Dis-Chem. Le ndawo enabathengi abaningi izoxhumanisa ngqo abasunguli bemikhiqizo bendawo namakhasimende angaba nentshisekelo.
Kuzokhangiswa ngobucwebe, imvunulo yesintu, imihlobiso yasendlini, izipho ezenziwe ngezandla, imikhiqizo yesikhumba, ubuhlalu, obhasikidi abelukiwe, izikhwama, izicathulo neminye imikhiqizo eyenziwe endaweni. Izivakashi zizokwazi ukuxhumana ngqo nabakhi bemikhiqizo, zizwe ngezindaba ezihambisana nemikhiqizo yabo futhi zeseke amabhizinisi endawo ngesikhathi zithenga.
Lolu hlelo lwakhela phezu kwempumelelo yemakethe yangonyaka odlule, lapho amabhizinisi angama-21 ayebambe iqhaza athola imali yokuthengisa engu-R272 546. Aphinde athola amakhasimende amasha, ama-oda kanye namathuba amasha okuxhumana kwezamabhizinisi.
USihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela eThekwini, uKhansela Thembo Ntuli, uthe lolu hlelo lukhombisa umthelela wokuvulela amabhizinisi endawo amathuba angokoqobo okufinyelela ezimakethe.
“Imakethe yangonyaka odlule yakhombisa okungenzeka uma amabhizinisi endawo enikwa ithuba lokufinyelela kumakhasimende nezindawo ezifanele zokuhweba. Kulo nyaka sandisa leli thuba ngokuhlanganisa amabhizinisi obuciko nemisebenzi yezandla angaphezu kwangama-25, siwanike indawo yokuhweba, yokwakha izinkampani zawo nokuxhumana ngqo nemakethe yawo,” kusho uKhansela Ntuli.
Uthe ukusebenzisana ne-Galleria Mall kukhombisa ukubaluleka kokubambisana phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele ekuthuthukisweni kwamabhizinisi.
“Ngokuhlinzeka ngendawo yokuhweba mahhala emabhizinisini abambe iqhaza, lobu budlelwano bunikeza osomabhizinisi bendawo ithuba lokuhlola ukuthi imikhiqizo yabo yamukeleka kanjani endaweni entsha yokudayisa engaphandle kwezindawo abajwayele ukuhwebela kuzo. Kuzobasiza ukufinyelela kumakhasimende amasha, ukukhulisa izimakethe zabo, ukungenisa imali nokwakha ubudlelwano obubalulekile namakhasimende. Lolu uhlobo lokusebenzisana olungaba negalelo elikhulu ekuthuthukisweni komnotho wendawo,” kusho yena.
Amabhizinisi abambe iqhaza akhethwe ohlwini lwe-eThekwini Municipality Arts and Craft Database, njengamanje olunamabhizinisi alinganiselwa kwangama-200 athola ukwesekwa okuqhubekayo kokuthuthukiswa kwamabhizinisi.
Amabhizinisi afisa ukujoyina i-Arts and Craft Database angaxhumana noNondumiso Mhlongo kulezi zinombolo: 031 311 4578/00, noma athumele i-imeyili ku-nondumiso.mhlongo@durban.gov.za.
Umphakathi uyakhuthazwa ukuba uvakashele e-Galleria Mall phakathi nayo yonke inyanga kaMandulo, uthenge imikhiqizo eyenziwe kuleli futhi weseke osomabhizinisi bendawo.
Izikhathi zokusebenza kwemakethe:
- NgoMsombuluko kuya ngoMgqibelo: 09:00–19:00
- NgamaSonto nangamaholidi omphakathi: 09:00–17:00

