
ESITHOMBENI- Meya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xab
SHEILA MHLONGO
Ngemuva kwezinyanga zezingxoxo ezinzulu, ukungenelela kweMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, sekusize ukuxazulula ukungaboni ngaso linye phakathi kukaMasipala kanye noPlumber bedolobha.
Lokhu kulandela umhlangano wokunikeza umbiko ngenqubekelaphambili obizwe yiMeya ngomhlaka 21 Agast. Lo mhlangano ubuhanjelwe nguSihlalo weKomidi leTrading Services, uKhansela Mdu Nkosi, iNhloko yoPhiko lwaManzi nokuThuthwa kweNdle, uSiyanda Mwelase, kanye nabamele abasebenzi bamapayipi.
Phakathi kwezinto eziphakanyiswe ngabasebenzi bamapayipi kubalwa imali okufanele bayikhokhelwe kanye nokuqashwa kwabo ngosonkontileka abakhulu besebenzisa imininingwane egciniwe ekhona.
Zonke izinhlangothi zivumelene ngokuthi imali ekhokhwa ngehora ezigabeni ezintathu zabasebenzi bamapayipi ngeke ishintshe futhi izohlala kanje:
- Isigaba A: R592.51 ngehora
- Isigaba B: R353.01 ngehora
- Isigaba C: R238.60 ngehora
Izinhlangothi ziphinde zavumelana ngokuthi imali yokuphatha engamaphesenti angu-15 ngeke isadonswa emalini ekhokhelwa abasebenzi bamapayipi ngehora.
Kuphinde kwavunyelwana ngokuthi osonkontileka abakhulu abahlanu bazothola abasebenzi bamapayipi ohlwini olukhona lwabasebenzi abayizi-1 886. Akekho umsebenzi wamapayipi ozovunyelwa ukusebenza engqalasizindeni kaMasipala ngaphandle kokuba nemvume neziqu ezifanele.
Sekuqalile ukuqashwa kwabasebenzi bamapayipi abangama-712 abazosebenza esigabeni sokuqala. Kulaba, abangama-337 sebeqashiwe ohlwini olukhona, kanti kusadingeka abanye abangama-375 ukuze kupheleliswe lesi sigaba.
Abamele abasebenzi bamapayipi bazibophezele ekusizeni ngokulethwa kwamagama abasebenzi ukuze kuphothulwe uhlelo lokuqasha esigabeni sokuqala kanye nesesibili.
Abasebenzi bamapayipi basamukele lesi sivumelwano, bathi sibalethele ukukhululeka okukhulu, ikakhulukazi mayelana nokuhoxiswa kwemali yokuphatha engamaphesenti angu-15.
IMeya uXaba ibonge abasebenzi ngokwamukela indlela entsha yokusebenza, yabaqinisekisa ngokuzibophezela kwayo ekusebenzisaneni nabo ukuze kuthuthukiswe ukulethwa kwezidingo eDolobheni.
“Ngiyajabula ukuthi sesigcine sizwane njengoba sesizixazululile izinkinga abasebenzi bamapayipi abebekhala ngazo. Le ntuthuko ivula indlela yokuba babuyele emsebenzini ngaphansi kosonkontileka abakhulu abahlanu futhi baqale ukubhekana nomsebenzi wokulethwa kwezidingo osalele emuva,” kusho iMeya uXaba.
Inkontileka yangaphambilini nabasebenzi bamapayipi yatholakala ingahambisani noMthetho Wokuphathwa Kwezimali ZoMasipala, iMunicipal Finance Management Act, njengoba yayakhiwe ngaphambi kokuba lo mthetho uqale ukusebenza.
Ukuze kulungiswe lolu hlelo, uMasipala kwadingeka ulandele imigudu efanele yokuphathwa kokuthengwa kwezimpahla nezinsiza, okuhlanganisa nokukhangiswa kwethenda.
Lolu hlelo lwaholela ekuqashweni kwezinkampani ezinhlanu njengosonkontileka abakhulu abazohlinzeka ngezinsiza zokulungiswa kwamapayipi.

