Uhulumeni unxusa imindeni eyalahlekelwa izihlobo ekudingisweni e-Angola ukuba ivele

Esithombeni -UNgqongqoshe uMcKenzie woMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko (DSAC) kanye ne-SAHRА.

SHEILA MHLONGO

Uhulumeni unxusa imindeni enabathandiweyo abashona, abaduka noma abangcwatshwa e-Angola ngesikhathi somzabalazo wenkululeko ukuba ivele izobhalisa ne-South African Heritage Resources Agency (SAHRA).

Lokhu kulandela ukwethulwa ngokusemthethweni kwesigaba sase-Angola soHlelo lwaseNingizimu Afrika Lokubuyiswa Kwezinsalela Zalabo Abashonela Ekudingisweni. Lolu hlelo lwethulwe ngoLwesihlanu ePitoli esithangamini sabezindaba esasihlelwe uMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko (DSAC) kanye ne-SAHRА.

I-Exile Repatriation Project isebenzisa izincomo zeKhomishini Yamaqiniso Nokubuyisana (TRC), eyanxusa uhulumeni ukuba aqhubeke nokuthungatha abantu abaduka ngaphansi kwezimo ezazihlobene nezombusazwe phakathi kuka-1960 no-1994.

IKhabhinethi yagunyaza lolu hlelo lwase-Angola ngoNdasa 2026 njengengxenye yoHlelo Lukahulumeni Lweminyaka Emihlanu Lokubuyiswa Kwezinsalela Zalabo Abashonela Ekudingisweni. Lolu hlelo lusebenzisa iSivumelwano Sokusebenzisana esasayinwa ohulumeni baseNingizimu Afrika nase-Angola ngoZibandlela 2024 ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Roads to Independence: African Liberation Heritage Programme.

UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko, uGayton McKenzie, uthe lolu hlelo lumayelana nokubuyisela isithunzi emindenini esichithe amashumi eminyaka ingenazo izimpendulo.

“Kunowesifazane kuleli zwe owayeseyintombazanyana ngesikhathi umfowabo ephuma ekhaya. Akaphindanga wambona. Namuhla kunamakhulu emindeni esesimweni esifana nesakhe. Silapha ukuzoyitshela ukuthi isikhathi sokulinda sesizophela,” kusho uMcKenzie.

UNgqongqoshe uchaze ukuthi i-Angola ikhethwe njengendawo okuzoqalwa kugxilwe kuyo ngenxa yokuthi iyona enesibalo esikhulu sabantu baseNingizimu Afrika abashonela ekudingisweni ngesikhathi somzabalazo wenkululeko.

Uhulumeni usuhlonze izindawo ezingaphezu kuka-400 okungenzeka ukuthi kunamathuna kuzo ezifundeni ezahlukene zase-Angola. Nokho, umsebenzi wokuthungatha nokukhipha izinsalela kulindeleke ukuba ube nzima ngenxa kwamabhomu agqitshwe emhlabathini, amathuna asekhungethwe yizihlahla futhi angaphawuliwe, izinsalela esezonakele, izindawo okunzima ukufinyelela kuzo kanye nokushoda kwamarekhodi omlando.

UNgqongqoshe uvumile ukuthi, naphezu kokusetshenziswa kwesayensi yezobunhloli esezingeni eliphezulu kanye nokuhlolwa kwe-DNA, ezinye izinsalela zingase zingatholakali noma zingakwazi ukuhlonzwa.

UMcKenzie uthe izicelo sezivulelekile emindenini efuna ukuba kumbulwe, kuhlonzwe ngokwesayensi yezobunhloli futhi kubuyiswe izinsalela zezihlobo zayo ezashonela ekudingisweni e-Angola.

Uhulumeni ukugcizelele ukuthi lolu hlelo luvulekele yonke imindeni yaseNingizimu Afrika, kungakhathalekile ukuthi izihlobo zayo zaziyingxenye yaliphi iqembu lezombusazwe noma inhlangano.

Imindeni ingafaka izicelo ku-inthanethi ngokusebenzisa i-SAHRА Exile Repatriation Portal etholakala ku-SAHRA Exile Repatriation. Kule ngosi ingagcwalisa ifomu lesicelo, ithole umhlahlandlela ochaza indlela yokufaka isicelo isinyathelo ngesinyathelo, idawunilode ifomu lesicelo sokubuyiswa kwezinsalela futhi ithole imininingwane eningiliziwe ngalolu hlelo.

Imindeni edinga usizo ingabhalisa nangocingo noma iziyele mathupha emahhovisi e-SAHRА, eFreedom Park, emahhovisi ezifundazwe oMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko, noma ngezinhlaka zomakadebona bezempi. Usizo luzohlinzekwa ngolimi olukhethwa yilowo mndeni.

“Yonke imindeni efaka isicelo izokwesekwa. Lapho izinsalela zomuntu zingeke zikwazi ukutholakala, uhulumeni uzohlela ukubuyiswa kwakhe ngokomoya ukuze kungabikho mndeni ophucwa ithuba lokuhlonipha othandiweyo wawo,” kusho uMcKenzie.

UNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi, u-Angie Motshekga, uchaze lolu hlelo njengesibopho sesizwe sokuhlonipha labo abadela konke ukuze iNingizimu Afrika ithole inkululeko.

“Lo msebenzi ungaphezu kakhulu kohlelo lokuphatha. Uyisibopho sesizwe. Umayelana nokubuyisela isithunzi kulabo abadela konke ngenxa yenkululeko esiyijabulelayo namuhla,” kusho uMotshekga.

Uthe amathimba abuyisa izinsalela ayaqhubeka nokusebenza ezindaweni ezinamabhomu agqitshwe emhlabathini, emathuneni angaphawuliwe, ezindaweni ezinezinsalela esezonakele kanye nasezindaweni osekushintshe kuzo isimo sendawo. Lokhu kwenza umsebenzi ngamunye wokubuyisa izinsalela ube nzima futhi udinge ukubambisana okuseduze phakathi kweNingizimu Afrika, i-Angola kanye namathimba ongoti bezesayensi yezobunhloli.

UMotshekga unxuse imindeni ukuba ivele, wagcizelela ukuthi bonke ubufakazi, imibhalo kanye namasampula e-DNA (deoxyribonucleic acid) kuqinisa ikhono likahulumeni lokuhlonza nokubuyisela elinye iqhawe lomzabalazo emndenini walo.– SAnews.gov.za

Top of Form

Bottom of Form

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *