
SHEILA MHLONGO
Uhulumeni usephinde waqinisekisa ukuzibophezela kwawo ekuqedeni udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokubulawa kwabesifazane i-Gender-Based Violence and Femicide (GBVF), ngokwenza ukuba uMkhandlu Kazwelonke we-GBVF uqale ukusebenza.
Lo Mkhandlu uzoba uhlaka oluhlala njalo, olusungulwe ngokomthetho futhi olubandakanya imikhakha eyahlukene, ukuze ludidiyelwe, luqaphe futhi luqinise indlela izwe elibhekana ngayo nalesi sihlava.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli obhekele Abesifazane, Intsha kanye naBantu abaPhila nokuKhubazeka, uSindisiwe Chikunga, uthe umhlangano wokuqala woMkhandlu Kazwelonke obungoMsombuluko, womhlaka 31 Agasti ubuyingqophamlando emzabalazweni oqhubekayo waseNingizimu Afrika wokulwa ne-GBVF.
Uthe lo mhlangano ukhombise ukuzimisela kukahulumeni ukwenza amalungelo akuMthethosisekelo abe yinto ephilwa futhi ebonakala ngokoqobo empilweni yabesifazane namantombazane.
Ekhuluma nabezindaba ngenqubekela phambili eyenziwe ekuqalisweni kokusebenza koMkhandlu Kazwelonke Wokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa Kwabesifazane, uChikunga uthe ukusungulwa kwawo kungaphezulu kokwakhiwa kwesinye nje isikhungo sikahulumeni.
“Lokhu akukhona nje ukusungulwa kwesinye isikhungo sikahulumeni. Kuwukwenza ukuzibophezela kwesizwe ekuqedeni okunye kokwephulwa kwamalungelo abantu okubi kakhulu eNingizimu Afrika yentando yabantu, kube yingxenye esemthethweni yezikhungo zezwe,” kusho uChikunga.
UMkhandlu Kazwelonke usungulwe ngokulandela uMthetho woMkhandlu Kazwelonke Wokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa Kwabesifazane wangowezi-2024, uMthetho No. 9 ka-2024.
Lokhu kulandela iminyaka yokunxenxa nokulwela lolu daba okwenziwe izinhlangano zabesifazane, izinhlangano zomphakathi, izinhlangano zezenkolo, izinyunyana zabasebenzi, abaholi bendabuko, osomabhizinisi kanye nohulumeni.
UChikunga uthe uMkhandlu uzoba uhlaka oluhlala njalo, olusemthethweni nolubandakanya imikhakha eyahlukene, iNingizimu Afrika ezodidiyela, iqaphe futhi iqinise ngalo indlela ebhekana ngayo ne-GBVF.
“UMkhandlu uveza ukuzimisela kwesizwe sonke ukuqinisekisa ukuthi abesifazane, izingane kanye nabantu abasengcupheni bayakwazi ukuphila ngaphandle kokwesaba, ukuhlukunyezwa, udlame nokucwaswa.”
Uthe ukusungulwa koMkhandlu kwenza ukuthi uHlelo Lukazwelonke Lwesu Lokulwa ne-GBVF lwangowezi-2020 kuya kowezi-2030 luqale ukusebenza ngendlela ebonakalayo.
Lolu hlelo luyasibona isidingo sokuba kube nohlaka lwezikhungo oludidiyelwe, olukwazi ukuqhuba umzamo kazwelonke ongancikile kuphela ezikhathini zokhetho noma emingceleni yokusebenza kweminyango kahulumeni.
UMkhandlu uhlanganisa abamele uhulumeni, izinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane, izinhlangano ezimele abasinde odlameni, izinhlangano ezizinze emiphakathini, ezenkolo, ezilwela amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka, izinhlangano zentsha kanye nezinhlaka ezilwela amalungelo omphakathi we-LGBTQIA+.
Uhlanganisa nezikhungo zocwaningo nezemfundo ephakeme, izinhlaka zobuholi bendabuko nobomphakathi, osomabhizinisi, izinyunyana zabasebenzi kanye nabalingani bezentuthuko.
UChikunga ugcizelele ukuthi uMkhandlu awusungulelwanga nje ukuqinisekisa ukumelwa kwemikhakha eyahlukene, kodwa usungulelwe ukusebenzela uMthethosisekelo, uMthetho, abesifazane, amantombazane, abasinde ku-GBVF kanye nabantu baseNingizimu Afrika.
“Ukumelwa kukahulumeni kuqinisekisa ukuhambisana kwezinqubomgomo, ukusebenzisana phakathi kwemikhakha kahulumeni kanye nokuqaliswa kwezinhlelo kuzo zonke izinhlaka zombuso. Izinhlangano zomphakathi zisebenza njengonembeza womzamo kazwelonke futhi ziqinisekisa ukuthi okwenzeka kwabesifazane, amantombazane, abasinde odlameni kanye nemiphakathi kuhlala kungumongo wokuthathwa kwezinqumo.
“UMthetho ngokwawo uyalibona iqhaza elibalulekile lezinkampani ezizimele ekulweni ne-GBVF. Izinkampani ezizimele ziletha izinsiza, amasu amasha, izinhlelo zezindawo zokusebenza, amathuba okuhlomisa abantu kwezomnotho kanye nokusebenzisana kwamasu okudingekayo ukuze umzamo kazwelonke ophelele uqhubeke,” kusho uChikunga.
Ubukhulu benkinga ye-GBVF
UChikunga uphinde waveza ukuthi uMkhandlu uqala umsebenzi wawo ngesikhathi kunobufakazi obuqand’ ikhanda obukhombisa ubukhulu benkinga ye-GBVF kuleli.
Ucwaningo lokuqala lukazwelonke lwaseNingizimu Afrika lokubheka ukusabalala kodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, olwenziwa yi-Human Sciences Research Council futhi lwakhishwa ngoLwezi 2024, lwathola ukuthi cishe abesifazane abayizigidi ezingu-7.3 abaneminyaka engu-18 nangaphezulu bake babhekana nodlame oluthinta umzimba ezimpilweni zabo.
Abesifazane abangaphezu kwezigidi ezingu-2.15 bona bake babhekana nodlame locansi.
Ucwaningo luphinde lwathola ukuthi abesifazane abaphila nokukhubazeka babhekana nobungozi obukhulu kakhulu. Izinga lodlame locansi olwenziwa umlingani abakhe baphila naye liphindwe kabili kwabesifazane abaphila nokukhubazeka uma kuqhathaniswa nabesifazane abangaphili nokukhubazeka.
Izibalo zakamuva zobugebengu zamaphoyisa aseNingizimu Afrika i-SAPS ziveze ukuthi kubikwe amacala e-GBVF angu-50 511 ngekota yokuqala yonyaka wezimali ka-2026/27. Kulawa, angu-30 736 aholele ekuboshweni kwabasolwa noma adluliselwa kuPhiko Lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority.
“Lezi akuzona nje izibalo. Laba ngabesifazane baseNingizimu Afrika, amadodakazi, odadewethu kanye namantombazane. Ngaphezu kwakho konke, bayizakhamuzi zaseNingizimu Afrika eziphucwe amalungelo azo akuMthethosisekelo.
“Ucwaningo lokusabalala kodlame kanye nezibalo ze-SAPS kusekela isitatimende sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokuthi sibhekene nesimo esibucayi. Lesi simo sidinga ukuba siqinise izindlela zokuvikela abesifazane namantombazane kanye nokuthuthukisa amalungelo abo,” kusho uChikunga.
Izinto ezizobekwa eqhulwini
Njengengxenye yezinto ezizobekwa eqhulwini ekuqaleni komsebenzi wawo, uMkhandlu Kazwelonke uzosebenzela ukuphothula isivumelwano esibizwa nge-Shareholder Compact.
UChikunga uchaze lesi sivumelwano njengendlela ebalulekile yokuqinisekisa ukuziphendulela, ezocacisa ukuthi impumelelo ibukeka kanjani nokuthi izokalwa kanjani.
UMkhandlu uzophinde wenze uhlaka oluphelele lokubala izindleko ukuze kutholakale izinsiza ezidingekayo ekulweni ne-GBVF, kuvalwe izikhala ezikhona futhi kwakhiwe uhlaka oluqinile lokutshalwa kwezimali kuzwelonke.
UChikunga uthe ukuphatha ngendlela efanele, ubuholi obunezimiso zokuziphatha, ukubeka izinto obala kanye nokuphatha izimali ngokwethembeka nangokuzibophezela kuzoba semqoka emsebenzini woMkhandlu.
— SAnews.gov.za
Top of Form
Bottom of Form

