ULindani Sukunde ucela abantu bamuqashe uma benemicimbi

ULindani Sukunde(18) ohlala e-Eastern Cape, e-Elliodale ungene endini yomculo ngonyaka ka2022 ngenyanga kaJuly enza umculo waMapiano kanti useke waqopha ngisho izingoma ezine(4) okubalwa kuzo ethi NGEZINTSUKU ZOKUGCINA, KUZO ZONKE NTOMBI ZALOMHLABA, IZINTO ZALOMHLABA azazisa ngazo ebantwini.

“Engifisa abantu bangisize ngakho ukuthi bangiseke ngokungangamandla abo ukuze nami ngikwazi ukuqopha ngiqhubekele phambili njengamanye amaciko, kodwa engikufisa ukukuthola kakhulu okwamanje imicimbi lapho ngizokwazi ukucula khona ukuze ngikwazi ukuthola imali engizoyisebenzisa ukuqopha ezinye izingoma zami” Kuchaza uLindani owaziwa kakhulu ngeStage name sika Lindani Jizana.

Uma ufisa ukubona umculo kaLindani ungavakashela u-YouTube ngoba utholakala khona kuphela kodwa uma ufisa ukuxhumana naye mayelana nokumuqasha ungashayela kule nombolo: 0720762292 noma umulandele enkundleni yezokuxhumana uFacebok: Lindani Jizana