UMasipala weTheku usugunyaze uPhiko lwezokuHlanza nokuQoqwa kukaDoti (CSW) ukuthi luqhubeke nokuhlinzeka oplastiki bokufaka imfucuza yasengadini abaluhlaza okwesibhakabhaka ngokuthi badayiswe ezitolo. Labo plastiki bahlinzekwa ngenkontileka bahanjiswe ngqo emakhaya ezakhamuzini noma amakhasimende azithengele bona ezitolo uma ebadinga.
Izindleko zoplastiki abaluhlaza okwesibhakabhaka basengadini azihlangene nezindleko zokuqoqwa kukadoti ezejwayelekile futhi intengo yoplastiki igunyazwa minyaka yonke ngesikhathi uMasipala usuke ugunyaza amanani entengo.

