
Umncintiswano uvuleleke kubabhaki abangafundelanga lo mkhakha ngokusemthethweni kanye nababhaki abasafufusa asebeqale ukusebenza ngobungcweti, asebenesikhathi esingaphansi kweminyaka emithathu besebenza.
SHEILA MHLONGO
Osomabhizinisi abasafufusa emkhakheni wezokubhaka KwaZulu-Natal banikezwa ithuba elisha nelijabulisayo lokuguqula uthando lwabo lokubhaka lube ngamabhizinisi anenzuzo, njengoba kwethulwa okokuqala ngqa kulesi sifundazwe umncintiswano i-Snowflake Rising Stars.
Ngemva kwempumelelo yalolu hlelo eMpumalanga Kapa eminyakeni emibili edlule, i-Snowflake manje isiletha lo mncintiswano KwaZulu-Natal. Ababhaki abasafufusa bazoncintisana ukuze bathole ingxenye yemiklomelo ebiza u-R150 000, ehlanganisa imali, ukwesekwa kokuthuthukiswa kwamabhizinisi, ukukhangiswa kwabezindaba kanye nemikhiqizo yakwa-Snowflake.
Lo mncintiswano usungulelwe ukuhlonza ababhaki abanekhono nabanamandla okuba osomabhizinisi, bese ubanikeza amathuluzi, ukukhangiswa nokuzethemba abakudingayo ukuze bakhulise amabhizinisi azinzile.
“Sesizibonele mathupha umthelela omangalisayo uhlelo lwe-Rising Stars olube nawo kosomabhizinisi abasafufusa emkhakheni wezokubhaka,” kusho uSibongile Mooko, oyiMarketing Executive kwa-Premier FMCG.
“Sijabule kakhulu ngokwethula lo mncintiswano KwaZulu-Natal nokuthola amakhono afihlekile esifundazweni emkhakheni wezokubhaka. Ngohlelo lwe-Rising Stars, sitshala imali kosomabhizinisi bendawo ngokubasiza ukuba baguqule amakhono abo okubhaka abe ngamabhizinisi amancane achumayo.”
Osomabhizinisi abasafufusa bezokubhaka abavela kuzo zonke izingxenye zaKwaZulu-Natal bayamenywa ukuba babhalisele lo mncintiswano phakathi nenyanga kaNcwaba, ukuze bathole ithuba lokusheshisa ukukhula kwamabhizinisi abo.
Umncintiswano uvuleleke kubabhaki abangafundelanga lo mkhakha ngokusemthethweni kanye nababhaki abasafufusa asebeqale ukusebenza ngobungcweti, asebenesikhathi esingaphansi kweminyaka emithathu besebenza.
Umncintiswano uzophetha ngomqhudelwano wokubhaka bukhoma, lapho abazongena kowamanqamu bezokhombisa khona amakhono abo obuchwepheshe, ubuciko kanye namandla abo okuphatha nokukhulisa amabhizinisi phambi kwethimba lamajaji.
Abanqobi abathathu abahamba phambili bazothola:
- Umklomelo Wokuqala: Imali engu-R20 000, ikhithi yamathuluzi ebhizinisi ebiza u-R30 000, ukukhangiswa kwabezindaba kanye nemikhiqizo yakwa-Snowflake.
- Umklomelo Wesibili: Imali engu-R15 000, ikhithi yamathuluzi ebhizinisi ebiza u-R30 000, ukukhangiswa kwabezindaba kanye nemikhiqizo yakwa-Snowflake.
- Umklomelo Wesithathu: Imali engu-R10 000, ikhithi yamathuluzi ebhizinisi ebiza u-R30 000, ukukhangiswa kwabezindaba kanye nemikhiqizo yakwa-Snowflake.
Ngaphezu kwale miklomelo, abazongena kowamanqamu bazothola ithuba elibalulekile lokukhangiswa nokuxhumana nochwepheshe bemboni, okuzobasiza ukuba bathathe isinyathelo esilandelayo ekukhuliseni amabhizinisi abo.
Lo mncintiswano wesekwa yi-Chef Training & Innovation Academy, i-Professional Chef Academy, i-The Fusion Cooking School, i-Tjips & Tjoklits Baking Training, i-Al Fidaa Foundation kanye ne-The Blue-Ribbon Chef School.
Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngomncintiswano i-Snowflake Rising Stars kanye nemininingwane yokubhalisa, vakashela: www.snowflake.co.za/competitions
Top of Form
Bottom of Form

