NKOSIE NTOMBELA
Umphakathi wase Mandlalathi eDududu ufakaze ngokuphelele umkhandlu waseMdoni uthula ngokusemthethweni ukuqaliswa komsebenzi wokwakhiwa kwehholo lomphakathi elizobizwa nge Mandlalathi Community Hall.
Isikela Meya, uKhansela Mthandeni Mbutho ngokubambisana neKhansela le Wadi, uMadlala, obemele uMkhandlu weNkosi ubaba uBele baphendule isoyi okuwuphawu
lokuqaliswa komsebenzi. Usekela Meya ube sethula usonkontileka uSimandlovu Trading CC kanye nenkampani ezoqinisekisa ukwenzeka komsebenzi ngendlela
(Consultant) i-Dartingo Consulting Engineers.
Lelihholo kuhlelwe ukuthi kuthathe izinyanga eziyisithupha ukuthi lakhiwe uma kungaphazamisanga lutho. Lokhu kusho ukuthi uhlelo luthi lesakhiwo sizophela ngenyanga kaZibandlela (December) kuwona lonyaka ka 2023.
Ukwakhiwa kwalelihholo kuzophinde kuveze amathuba omsebenzi kubantu bendawo kuthuthuke nendawo njengoba lelihholo lizomumatha abantu abangamakhulu amathathu kuphetha uSekela Meya ukhansela Mthandeni Mbutho.

