NKOSIE NTOMBELA
Abesifazane abane (4) abavela emadolobheni ahlukene KwaZulu-Natal sebephenduke inhlekisa kwizinkundla zokuxhumana emva kokuvela kodaba lokuqolwa kwabo isamba semali umlisa ozibiza ngomshayeli webhanoyi.Udaba lwalezintokazi lidalulwe uphiko oluphenya luphinde luqaphe izindawo olubizwa nge Reaction Unit South Africa (RUSA) okuyiyo ecelwe ukuba ibasize emva kokuba sebeqolwe imali engango R97,000.
Lo mlisa uzethule njengoRavi Kumar, ongumshayeli wezindiza ohlala eLos Angeles – California e-USA. Uthumela izicelo zobungane kwabesifazane kuFacebook futhi ngesikhathi exoxa kuFacebook Messenger, ucela inombolo yokuxhumana babe sebethintwa ku-Watsapp kusetshenziswa inombolo ethi +39 3510164225. Isiqalo esithi +39 Ikhodi Yokudayela Yamazwe Ngamazwe yase-Italy .
Okuhlalukile kwingxoxo abanazo ubaheha ngothando nangezipho zikanokusho okuyizona athembisa ngazo izintokazi izulu nomhlaba.Ngokusho komphenyi weRusa lomsolwa uxoxa nezisulu amasonto ambalwa bese ecela amakheli asekhaya ukuze ikwazi ukuthumela izipho. Laba besifazane bathunyelelwe izithombe zebhokisi ebathembisa ukuthi lino 15 000 US Dollars (R300 000). Umkhohlisi ube eseveza uthando lwakhe, athembise ukuvakashela eNingizimu Afrika futhi ashade nezisulu. Ngokuhamba kwesikhathi ucela u-R5000 nsuku zonke ngesikhathi ngasinye echaza ukuthi ibhokisi eligcwele izipho kanye nemali ibibanjwe kwaCustoms, ubebhajwe esikhumulweni sezindiza noma amakhadi akhe asebhange alahlekile,kunaba abe Rusa
Kuxwayiswa noma ngabe ubani ocelwa ukuthi kushinthswane ngezimali ayiqaphele lena eyokuqolwa ku FACEBOOK,futhi mekukhona akusolayo kwingxoxo abanayo asheshe udaba alubike emaphoyiseni aseduze ukuze kugwemwe ukwanda kobugebengu.

