Kwethulwe iAlbum yomculi owawina kwi Gospel Icon Discovery

SHEILA MHLONGO

Kwethulwe iAlbum yomculi owawina kwi Gospel Icon Discovery ngonyaka ophelile uMnu Mqapheli Ndlovu emcimbini obunjelwe eStable Theatre eThekwini ngomhlaka 2 Juni.

Isihloko se Album sithi Kogcin’uThixo kanti sidle ngemicu evusa usinga kwezikamoya etholakala kalula kuma Online Platforms, iphinde ibalise ngomsebenzi omuhle owenziwe iGospel Icon Discovery empilweni yakhe.

“Okuyikho okungenze ngaqamba le Album kungenxa yezimo ezangihlukumeza empilweni yami zangenza ngahlangabezana noNkulunkulu, ngawo njalo umculo wenkolo ngoba iwona onginika induduzo emva kwezimo ezinzima engidlule kuzo”.Kusho uNdlovu.

Lomculi ungowokudabuka endaweni yakwaXimba enyakatho yeTheku, uthi okwamenza wazibandakanya nalomncintiswano ukuthi wabe ehlose ukushintsha impilo yakhe, aphinde athole namathuba amasha.

Kanti ube esebonga uPhiko lwe Parks, Recreation, and Culture ngaphansi kukaMasipala weTheku ngethuba alitholile lokuveza ikhono lakhe kwezomculo.
 
“ Ukungena emculweni bekulokhu kuyiphupho lami futhi ngiyambonga kakhulu uMasipala weTheku ngokunginika ithuba elifana naleli lokuphumelelisa iphupho lami”. Kusho uNdlovu obebukeka ejabulile.

Ukhansela uCheryl Sisoka ongusoSwebhu we wekomidi le Services Committee uthe, kuyathokozisa ukubona uMkhandlu wenza uhlelo lokushintsha izimpilo zabantu nokuphakamisa labo abasendimeni yezobuCiko.
 
USisoka uphethe ngokuthi uyajabula futhi ukuthi loluhlelo selukhule ngalendlela yokuthi liqhakambise amathalente entsha kwezobuCiko, wanxusa nompahakathi ukuthi uweseke amaCiko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *