UMom Pat Nkonyeni usegxile ekusizeni intsha kwezomculo nokuqhuba ibhizinisi  lokubhaka

SHEILA MHLONGO

Kulonyaka ngizimisele ukuya esikoleni sokubhaka ngifunde yonke inhlobo yokubhaka amakhekhe, scones, bread ukuze ngivuse ibhizinisi lami engaliyeka ngakho-ke  kuqhamule umphakathi kwezomsebenzi nokuthi ngenze ukubonga ngakho konke uNkulunkulu angenzele khona kwezokuphila, kwezomsebenzi nakwezomculo.

Ngifisa ukuncipha kwezomculo kodwa ngiqhubeke ngilungise okusasilele. Ngihlela ukwenza ama-event ezingane ezincane lapho zizoqala khona  I-art, music, dance, visual art, modelling, poetry, sport, kahle kahle  konke okuphathelene ne-art bafunde besebancane bawine  ama-awards lokho kuyoziqoqa izingane kukho konke ukungalungi esiphila kubona kulomhlaba.

Nokuthi kubekhona ama competitions kasontosikole emasontweni. Ngiyathanda ukusebenzisana nama Producers wami womabili uNqobile Mbandlwa ne baker yami uMane Mzulwini eChatsworth kunye no-Ayah Sothembe eBizana kumaNtshangase.

Kunyaka ophelile ngifundile ukuthi kufanele ukhuthale kuwo wonke umsebenzi owenzayo nokuthi uyazi into oyifunayo. Abalandeli bami ngifisa bazi ukuthi nginamanye ama-genres engizowakhipha like Choral Music. Umculo wami uyatholakala   kuma Digial Platforms kuYou Tube, Spotify, Amazon nakwezinye izinkundla zomculo, WhatsApp/Call: 078 231 5386.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *