SHEILA MHLONGO
Ngicula i Gospel njengomuntu okhonzayo ngonyaka ka-2020 ngiqoqe abantwana saba yi group esayibiza nge Nkanyezi yezulu. Sarikhoda i-album ngo-2020 kodwa sangakwazi ukuqhubeka saze sabonana noMum Pat Nkonyeni oye wasisiza kwezinye izinto wabuye wasifaka kuma-Award iNAMA Awards eCarletonville lapho sabuya khona nendondoye- Best Gospel Group.
Saphinda sangenela kwiThembisile and Thandie Awards sangaphumelela kunyaka ka-2024. Singenile futhi nakuwo lonyaka kwi Thembisile and Thandie Awards sizimisele ukungena nakwi Kzn Namuhla 4th Annual Artist Awards. Sesihambile kuma event sizibonakalisa sawenza nawethu ama-event kodwa singajabula ukuthola uxhaso lwe sound system ukuze sisizeke ekupromotheni umculo wethu.
Nathi sisize nasezinkonzweni ekuhleleni umculo weNkanyezi yezulu uyathandwa kakhulu babantu kodwa inkinga akekho osebenzayo ukuthi abanye bayafunda asinawo amandla okufeza iphupho lethu. Umculo wethu uyatholakala kuYou Tube, WhatsApp/Call: 083 472 8663.

