SHEILA MHLONGO
Ngenxa yomsebenzi ngihlala eLovu. Ngingumbhali wezincwadi eziningi ezitholakala kuzozonke izizinda zomtapo wolwazi e-KZN kanye nasezitolo ezidayisa izincwadi. Ngokomsebenzi ngisemnyangweni wezokuvikela (isosha) kusukela ngo-1997 ngisekambini eyaziwa nge-Bluff Military base Durban.
Ngingumsunguli weNomagugu Productions iphinde ibene books publisher eseyisize ababhali abaningi. Ngomhlaka-8 Ephreli 2025 bekwethulwa iNomagugu Authors Award ngokusemthethweni ngemuva kocwaningo lapho besibheka khona yonke iminxa ekhona ekhuthazwa nenconywa ngemisebenzi yabo.
Sibe sesibona ukuthi ababhali akukho lapho bekhuthazwa khona or begqugquzelwa khona ngokubhala sabe sesiqhamuka naluhlelo lweNomagugu Authors Award. Inhloso yethu ukuvala igebe lalabo asebenalo ukunababhali. Indlela okujoyinwa ngayo ukuba nominee ugcwalisa information yakho bese uticker ibhokisi oyi nominee ngalo ebese uyokhokha bank bese usenda slip.
Nominee yiyo ezicelela amavoti kubantu ukuze bamvotele. Categories
Short story, Novel, poetry, picture or draw book, books publisher and legend author.
Amaforms aseyatholakala anemininingwane yonke. Sihlele ukuthi ababhali sibahloniphe-24 September 2025. Sikwenza lokhu nje abaxhasi asinabo sicela noma ngubani ongasisiza ngoxhaso ukuze kufezeke amaphupho abantu abaningi. Lama award siwahlelele ukuba enzeke minyaka yonke ngalenyanga kaMandulo.
Ofisa ukuxhumana nathi engasithinta WhatsApp/ Call: 073 3004 901 noma 078 2459 140 naku Facebook: Sibusiso Shange.

