
SHEILA MHLONGO
Cishe ingxenye yazo zonke izigameko zokudlwengula ezibikwe eNingizimu Afrika ngekota yesine yonyaka wezimali ka-2025/26 zenzeke emakhaya ezisulu noma abasolwa, okugqamisa ukuqhubeka kosongo lodlame oluhlobene nobulili olwenzeka ngaphakathi emakhaya ezisulu.
Ekhipha umbiko ngezibalo zakamuva zobugebengu ngoLwesihlanu, lomhlaka 22 Meyi, uNgqongqoshe wamaPhoyisa Firoz Cachalia uthe u-47.2% wamacala okudlwengulwa ezibikiwe phakathi kukaJanuwari noMashi 2026 zenzeke ezindaweni zokuhlala.
Emacaleni angu -9 782 eziqoshwe kule kota, ezingu-4 620 enzeke emakhaya ezisulu noma abasolwa.
“Lokho kusho ukuthi amacala okudlengula angu-4 620 kwangu-9 782 azenzekanga ezitaladini ezimnyama ngabantu abangaziwa, kodwa zenzeke emakhaya ngabantu abaziwa yizisulu,” kusho uCachalia.
UNgqongqoshe uthe lezi zibalo ziveza iqiniso lokuthi udlame eNingizimu Afrika luvame ukwenziwa ngabantu abaziwa yizisulu, okubalwa kubo abalingani, izihlobo, omakhelwane kanye nabantu abasondelene nezisulu.
“Umuzi, okuyindawo okufanele siphephe kuyo kakhulu, usuyindawo eyingozi kubantu abaningi,” kusho yena.
Imininingwane yakamuva yobugebengu iphinde yakhomba izindlela ezibanzi zodlame phakathi kwabantu. Ngesikhathi sale kota, ukubulawa kwabantu okungu-1 523 kwenzeke emakhaya ezisulu noma abasolwa.
Ngokusho kukaCachalia, izingxabano nokungaboni ngasolinye kuhlotshaniswe nokubulawa kwabantu okungu-898, kanti ukubulawa okungu-251 kwenziwe ngenhloso yokuziphindiselela noma ukujezisa.
Uthe izibalo ziveza ukuthi ubugebengu obuningi obunodlame busukela ezintweni zomphakathi nezamasiko, okubalwa kuzo ukungalingani ngobulili, imibono enobuthi ngobudoda kanye nokwamukelwa kodlame njengendlela yokuxazulula izingxabano.
“Leli yiqiniso elibuhlungu: uma sifuna ukunciphisa ubugebengu obunodlame, kufanele sibhekane nesiko lodlame emakhaya, nombono oyiphutha wokuthi amadoda kufanele abe nodlame ukuze ahlonishwe noma ukuthi abantu besifazane kufanele babekezelele udlame ukuze bathandwe,” kusho yena.
Ukusetshenziswa kabi kotshwala kuphinde kwavela njengento enkulu ebangela udlame. UNgqongqoshe uthe izigameko ezingu-7 267 zokubulala, ukuzama ukubulala, ukudlwengula kanye nokushaya ngenhloso yokulimaza kakhulu zihlotshaniswe nokusetshenziswa kotshwala phakathi nale kota.
UCachalia unxuse ukuthi kwandiswe imizamo yokubhekana nezimbangela zomphakathi ezidala udlame, ephikisa ngokuthi amaphoyisa kuphela ngeke akwazi ukuxazulula le nkinga.
Uthe uhulumeni uzoqhubeka nokukhuthaza ukuqaliswa kwe-Integrated Crime and Violence Prevention Strategy, egxile ekubhekaneni nezimbangela zobugebengu ngokusebenzisa izinhlelo eziqondiswe emindenini, entsheni, ezikoleni, emiphakathini nasekusetshenzisweni kabi kwezidakamizwa notshwala.
“Ukuvimbela ubugebengu ngendlela ephumelelayo kudinga ukwesekwa okukhulu okuvela kuyo yonke iminyango kahulumeni kanye nezinhlangano zomphakathi, izinhlangano ezizimele kanye nezinkampani ezizimele,” kusho yena.
Nakuba iNingizimu Afrika iqophe ukwehla kwezinye izigaba ezinkulu zobugebengu phakathi nale kota, uCachalia uxwayise ngokuthi udlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane lusenguyinselelo enkulu edinga izinyathelo eziqhubekayo ezingaphezu kohlelo lwezobulungiswa bobugebengu. – SAnews.gov.za

